UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
Image: SIGCINIWE
NAMHLANJE kunomhlangano omkhulu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eMgungundlovu, ngaphansi kwesikole sezeNkolo, iNjulalwazi nezaseMandulo lapho abelaphi bendabuko bezobe behlanganise amakhanda. Lo mhlangano ungowokuqala ngqa ukuthi kubhekwe indlela abelaphi bendabuko abasebenza ngayo emifuleni, ezimpophomeni nasolwandle.
Umhlangano uxhaswe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ngesivumelwane esiphakathi kwawo nenhlangano yezamasiko nesintu, Umsamo Institute. Kulo mhlangamo ozobe ungaphansi kophiko lweChart-Umsamo kuzobe kukhona abelaphi abavela kuyona yonke indawo abangaphansi kwenhlangano entsha, nayo ezokwethulwa ngokusemthethweni kulo mhlangano, eyaziwa ngaBelaphi Bendabuko base-Afrika (ABBA). Le nhlangano isinamalungu angaphezulu kwekhulu kanti isizakhele umthethosisekelo yabhalisa ngokugcwele ngaphansi komthetho wezinkampani kuleli. Ibhalisa nje ngoba ingafuni ukuthathwa njengeqembu elifana nalawa ahlale egijima ezinkundleni zokuxhumana.
Umhlangano umayelana nezigameko ezenzeka emifuleni nasolwandle lapho kumuka khona abantu ngoba kuthiwa bayohlanjululwa, abanye bebhabhadiswa ngabefundisi. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu usukhuze kaningi ukuthi abantu abaqikelele kungayiwa noma yikanjani emifuleni nasezimpophomeni. Kungekhona nje ukuthi izigameko ezenzeka emifuleni zodwa, kodwa nokungabi khona kwenhlanzeko lapho kusuke kuthiwa kugezwa khona abantu - kuzobhekwa.
Umsebenzi wokwelapha kwendabuko usubukeleka phansi ngendlela ebuhlungu ngoba ufica izinkukhu zilahlwe noma kanjani, izimbuzi ezibulawa zishiywe kanjalo namakhandlela ashiswa kushiywe khona lapho. Iningi lale mifula okwenzeka kuyona konke lokhu kunabantu abaphuza nabaphila ngalawo manzi kodwa izangoma azikugqizi qakala lokho.
Sekuke kwakhalwa kakhulu ngemifula esondelene namalokishi lapho abantu bengenamanzi, bethi bayokhalela emifuleni bafike kunuka iphunga lezilwane ezibulawe zalahlwa lapho. Lokhu kuhamba kuze kuyongcolisa ezindaweni ezifana namamabhishi namapaki. Izimpophoma eziningi zisezindaweni ezingamapaki lapho kuhambela khona izivakashi ezisuke zifuna ukuyophumula. Kokunye bageze ezimpophomeni lapho kodwa bayofica kubhuza izimpukane.
Abelaphi bendabuko sebethathwa njangamanuku adidayo ngalesi senzo sabo. Ngakho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uthathe isinyathelo sokuba kuke kubhalwe ibhukwana okuyilona elizobophezela abelaphi ukuthi migomo mini okufanele bayilandele uma kuthiwa uyogeza umuntu noma uyombhabhadisa empophomeni noma emfuleni okanye olwandle.
Le ncwajana yemigomo iyona lena ezobunjwa namhlanje bese ishicilelwa. Le migomo izokuba yimpoqo ngoba emva kwayo kuzohanjelwa zonke izinduna namakhosi ukuthi umelaphi oyoke atholakale enza okuphambene nalokhu uyohlawuliswa.
Kune-video esisatshalalisiwe ngalokhu kugeza abantu emifuleni eyenziwe nguMsamo Institute uhlangane nabe-Disaster Management Centre engaphansi kwawo uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. Le video iyatholakala kanti iyabukiswa ezindaweni ngezindawo okuyikhona kufanele kulandelwe. Incwadi lena isizokuza njengesingezelelo kosekwenziwe.
Ngokungabi khona okwamanje komkhandlu wabelaphi bendabuko esifundazweni, abelaphi banqume ukuhlangana ngaphansi kwale nhlangano nayo abazoyethula khona namhlanje - eyabelaphi bendabuko abakulona lonke izwe. Le nhlangano isizakhele umthethosisekelo, kanjalo wonke umuntu obhalisa kuyo ungena ngokuthi agcwalise amafomu okufanele kuqondakale uluhlobo luni lomelaphi, wathwasaphi futhi nini.
Lokhu kungumgomo ngoba kuzanywa ukunqanda abelaphi-mbumbulu abavele kuthi kusa sebenamathwasa sebelapha abantu. Yizona zonke izinto lezi eseziwuthunaze kakhulu lo msebenzi, ubona uhulumeni kuyaye kube sengathithi abelaphi bendabuko akabagqize qakala.
Ngesonto eledlule uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi umemezele ithimba eliphezulu elizokwengamela umkhandlu kazwelonke wabelaphi bendabuko. Lokhu kuthande ukunikeza ithemba ukuthi cishe kukhona lapho kuyiwa khona. Kodwa inkinga enkulu isele ezifundazweni lapho umsindo uthe bhe kubangwa izikhundla zokuba ngosihlalo namaphini osihlalo. Njalo uma kuthiwa kubanjwa umhlangano ozozama ukuvela necebo lokuya phambili, kukhona labo abasuke sebetshaliwe ukuthi abawuhliphize umhlangano ngomsindo.
Sekuhluleke imihlangano emibili ibizelwe eTown Hill, eMgungundlovu, ibizwa nguMqondisi eMnyangweni wezeMpilo uMnuz Khoza okunguyena obekelwe ukusebenzisana nabelaphi, ukuzama ukuthi phela kuyiwe phambili. Yomibili le mihlangano kuphunywa kunhlanga zimuka nomoya. Cishe yisona-ke lesi sinyathelo esesenze ukuba kusukume abantu abafana noMakhosi Dumisani Mkhwanazi ukuthi kuhlanganwe kubunjwe leli qembu, ngesikhashana esincane nje eselenze omkhulu umsebenzi ngaphandle komsindo nokudonsisana.
Kulo mhlangano wanamhlanje abelaphi bonke bazophuma bebhalisile, kungabanga khona msindo kodwa kungukubuka ukuthi lo msebenzi wenziwa kanjani ukuthi nawo uhlonipheke njengeminye imisebenzi ekhona ekwelapheni abantu ezweni. Asithathe leli thuba siwufisele inhlanhla lo mhlangano ukuya phambili kubonakale.
Solwazi Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of Ancestral Studies: www, umsamo.org.za