UBUHLE bendawo yezokuvakasha Isithumba Adventure Park & Travel, eKwaXimba, entshonalanga yeTheku
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
NJENGOBA sekusondele isikhathi samaholidi okuphela konyaka, abantu abaningi emhlabeni wonke jikelele bazobe bevakashela izindawo ezahlukene zokuvakasha benzela ukuthi bapholise ikhanda futhi bajabule nothandiweyo babo njengoba futhi abaningi bazobe sebevalile emsebenzini, benesikhathi sonke sokungcebeleka, bakhohlwe wokuningi.
Yingaleso sizathu uMasipala weTheku ubambisane noPhiko lwezokuVakasha eThekwini bebuthane endaweni yezokuvakasha Isithumba Adventure Park & Travel, KwaXimba, entshonalanga yeTheku - ukuzokwethula umkhankaso wezinhlelo zabo zezokuvasha zamaholidi okuphela konyaka, nokukhuthaza abantu ukuvakasha ngala maholidi.
Yilapho engithole khona ithuba lokubukisisa futhi ngicwaninge le ndawo yezokuvakasha eyakhiwe endaweni yasemakhaya futhi okubonakala ngokucacile ukuthi ayikathuthuki njengezindawo ezahlukne esizaziyo nesizijwayele ezisemalokishini nasemadolobheni.
Nokho okuhle ngeSithumba wukuthi sinothe ngokuningi okukufundisa kabanzi ngobumqoka bemikhuba, amasiko nendlela yokwenza yesintu, okwenza ukuthi uqonde ukuthi kungani izinto ezithile zazenziwa noma zenziwa ngendlela ethize yesintu.
ESINYE sezakhiwo zendawo yezokuvakasha Isithumba Adventure Park & Travel, eKwaXimba, entshonalanga yeTheku
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Kule ndawo kunezindlu ezingorawondi othi uma uuzovakasha, ungeniswe kuzona bese ufundiswa kabanzi ngezinto ezahlukene zesintu okubalwa kuzona ukuthi amakhambi esintu athakwa kanjani uma kwenziwa umuthi othize wokwelapha izifo ezahlukene.
Uma usukule ndawo ucaciseleka ngokuthi kungani abantu basezindaweni zasemakhaya bekholelwa emithini nasemakhambini esintu, okunye kwakho abaphephela kukhona ngoba bekhule izinto eziningi eziyingqalasizinda emqoka zingekho eduzane nabo, okwenza ukuthi bakwazi ukuqhamuka namaqhinga okusebenzisa imvelo ukuziphilisa nje.
Khona futhi kule ndawo, uma uvakashele khona uthola nethuba lokuqwala intaba ewububanzi obungama-kilometre awu-10, okuthi uma uqhubeka nohambo lokuyiqwala, ube ucotshelelwa ngolwazi lwezinto ezimqoka zobuntu, amasiko nesintu.
Yindawo okuthi uma ukade uyivakashele, uhambe usuvuleke amehlo ngezinto eziyimfihlakalo yemvelo nemikhuba eyahlukene eyayigilwa ngabantu kudala ukuthi babeyigila kanjani. Okunye kwalokho wukuqonda ngemfihlo yokuthi abantu bakudala babenza kanjani ukugadlana ngamakhathakhatha, ukuthi amakhambi ayethakwa kanjani uma ufuna ukushaya umuntu ngezulu nokunye okujulile okweyamene nalokho.
ESINYE sezakhiwo zendawo yezokuvakasha Isithumba Adventure Park & Travel, eKwaXimba, entshonalanga yeTheku
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE