IBUKEKA kanjena indawo yokudlela edlisayo eRichards Bay iZula Beach
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
KUFANELE ukuthi njengoba kuqhubeka inyanga yamaGugu (Septhemba) eyaziwa nangokuthi yinyanga yezokuvakasha, esesiya emaphethelweni ayo manje, cishe abantu abakhonze ukuvakasha bayaqhubeka bahambela izindawo zokuvakasha ezweni lonke, emazweni ehlukene ase-Afrika nasemhlabeni jikelele kwabanamandla okwenza njalo.
Nokho enye yezinto engifisa ukuyiveza kulokhu wukuthi nakuba ziningi izindawo umuntu angazivakashela ezweni ikakhulu esifundazweni sethu, iKwaZulu-Natal, esigabe ngezinto eziningi nezindawo ezinhle zokuvakasha, kepha ngibona kukuhle futhi ukuqikelela ukuthi azisaleli emuva izindawo zokuvakasha ezisemadolobheni amancane nanganakekile.
Lokho ngikusho ngoba ngiyazi ukuthi abantu abaningi uma becabanga ukungcebeleka ngokuthi bavakashele izindawo zokuvakasha ezahlukene, bayaye bacabenge kakhulu ezisemadolobheni amakhulu njengaseMgungundlovu naseThekwini - lona eligabe kakhulu ngobukhazikhazi bezindawo zzokuvakasha kanjalo namabhishi anolwandle okudlisayo.
I-BON Hotel ngelinye lamahhotela ongawasebenzisa uma uzongcebeleka eRichards Bay namaphethelo
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Ngesonto elidlule ngibe nenhlanhla yokuhambela uhambo lokwethula inyanga yezokuvakasha ngokusemthethweni obeluhlelwe wuPhiko lwezokuvakasha esifundazweni, iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority (KZNTAFA) noMnyango wokuThuthukisa uMnotho, ukoNgiwa kweMvelo nezokuVakasha eKZN, lapho ebesihambele khona izindawo zokuvakasha ezahlukene ezakhele iRichards Bay naseMpangeni.
Engifike ngakuqaphela kulolu hambo wukuthi ziningi izindawo zokuvakasha zezinga eliphezulu nezinhle kakhulu kula madolobha, okungenzeka ukuthi abantu abaningi abazi ngazo ngenxa yokuthi sebajwayela ukuvakashela izindawo ezizodwa ezidumile ezisemadolobheni amakhulu esengiwabalile ezigabeni ezimbalwa ezingenhla.
UBUHLE bechweba laseRichards Bay ongathokozela ukuyongcebeleka kulona
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Enye yalezi zindawo engihlabe umxhwele kakhulu yindawo yokudlela neyokusingatha imicimbi iZula Beach, eyakhelene nechweba laseRichards Bay. Okuhle nokumnandi kakhulu ngale ndawo wukuthi yakhiwe eduze namanzi okwenza ukuthi ushaywe wumoya opholile ube uhlezi kamnandi futhi unethezekile kuyona, uthokozela ukudla kwakhona okumnandi neziphuzo zokuthiba ukoma, ube futhi ulalele umculo omnandi. Idlisa nangokuthi uyakwazi ukuyiqashela ukuhlela imicimnbi yobumnandi, eminye yayo eyenzeka ngaphandle ebhishi, kanti futhi ngokuyibheka kwami - ngibone ingaba ngefanele ukuthi kuhlelwe imishado kuyona ngenxa yobuhle nokukhanga kwayo ngaphandle.
Enye into emnandi ngeZula Beach wukuthi yakhiwe eduze nehhotela iBON Hotel, okungenza ukuthi uma uvakashele kuyona ungabi nenkinga yendawo yokulala, njengoba uma usuka eZula uya eBON kuyibanga ongalihamba imizuzu emibili kuphela ngezinyawo.
ICHWEBA laseRichards Bay ngenye yezindawo ongeke uzisole ngokuvakashela kuzona
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Khona kuleso sidididi ungakwazi nokuthi ujabulele ukungcebeleka ngesikebhe noma umkhumbi echwebeni elikhona kule ndawo okusiza ukusabalalisa umqondo, ujabulele ubuhle beRichards Bay, ube upheshethwa wumoya opholile wolwandle - okuyinto engibona nengicabanga ukuthi ingaba mnandi kakhulu uma niyenza ningamaqoqo, nibe baningi.
Uma futhi uwumuntu okhonze ubumnandi nokuzijuxuza ubusuku bonke - kunezindawo eziningi zobumnandi ezingaphezu kuka-12 ezakhelene nechweba engingabala kuzona iBackstage, iSindu Restaurant, Neighbourhood Shisanyama and Carwash. Dros, Portuguese on The Bay, Mojitos, The Slipway Cooktail Bar ne-Waterfront Lounge.
Kanti uma useMpangeni ngibona ukuthi uyobe wenza iphutha uma uze ugoduka ungayanga endaweni yokudlela Indoni Yamanzi Bar & Grill, eKwaDlangezwa bude buduze nesikhungo semfundo ephakeme esinomlando ojulile kwezemfundo ezweni i-University of Zululand.
ILANGA ulibonela eduze kanjena uma ungcebeleka ngesikebhe noma umkhumbi echwebeni laseRichards Bay
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Okuhle kakhulu ngale ndawo wukuthi ngale kokuba sezingeni elicokeme nobuhle bayo ngaphandle nangaphakathi, kepha futhi ikhanga nangokuthi inendawo enhle ongakwazi ukuyisebenzisa ukuthwebula izithombe ekuvezela utshani obuluhlaza cwe nedamu elikhulu eyakhiwe eduze kwalo. Lokho ngikusho ngoba ngiyazi ukuthi abantu abaningi bayakuthanda ukuthwebula izithombe ezinhle ezindaweni ezikhanga ngobuhle bemvelo, kanti futhi kuyo le ndawo ungabe wenze into enhle kakhulu uma uyisebenzisela ukwenza imicimbi enabantu abawu-200 nangaphezulu kwalokho, futhi ikulungele kakhulu ukusingatha imishado kuyo.
LIQHAKAZE kanjena ingaphandle lendawo yokudlela eKwaDlangezwa, Empangeni - Indoni Yamanzi Bar & Grill, ongayisebenzisela nokusingatha imicimbi ehlukene
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Ziningi nezinye izindawo zokuvakasha futhi ezinomlando ojulile nonothile wezwe lethu ezakhelene neMpangeni neRichards Bay okusadingeka ukuthi kwandiswe izinhlelo zokuthi zimaketheke futhi zaziwe abantu abaningi okuzosiza ukuthi zithuthuke futhi zichume.
Ngakho akumele kuphelele kule nyanga yezokuvakasha kuphela ukukhuluma ngazo nokuzivakashela, kepha kudingeka ukuthi kube wumsebenzi wansuku zonke futhi kwandiswe izinhlelo nemicimbi eyenziwa kuzona ukusiza ukuzibeka ebalazweni.