Owezokuvakasha nekhwelo lokuvakashela izindawo zasemakhaya eKZN

Simangaliso Ntshangase|Published

UMPHATHISWA woMnyango wokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi ethula inkulumo emcimbini wokugubha inyanga yezokuvakasha obuseNdoni Yamanzi Bar & Grill, KwaDlangezwa, eMpangeni ngoLwesine

Image: KZN TAFA

UMPHATHISWA woMnyango wokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi usehlabe ikhwelo kwizakhamuzi zaKwaZulu-Natal ukuthi zibeke eqhulwini ukuvakashela izindawo zokuvakasha ezisezindaweni zasemakhaya nasemalokishini ukusiza ukufukula umnotho wezokuvakasha nosomabhizinisi abasafufusa.

UMfu Zondi usho njalo ethula inkulumo yosuku emcimbini wokugubha inyanga yezokuvakasha obuseNdoni Yamanzi Bar & Grill, KwaDlangezwa, Empangeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal ngoLwesine, lapho obekubuthenwe khona ukuzokhuthaza abantu ukuvakashela izindawo ezahlukene ukusiza ukuthuthukisa lo mkhakha.

"Njengoba sihlangene lana enyakatho yesifundazwe sethu, kudingeka ukuthi siqhakambise amandla ezindawo zokuvakasha ezisemakhaya njengalana futhi ezibamba iqhaza elikhulu nelimqoka ekukhuliseni umnotho wethu. Lokho ngikusho ngoba ngiqonda ukuthi isifunda sethu esikusona namhlanje siyikhaya lezindawo ezimqoka kakhulu nezinothe kakhulu ngobuhle bemvelo nomlando wezokuvakasha, yingakho sibambisene namakhosi ukuzibophezela ekutheni ziyathuthuka futhi ziphucuzeke ukuze zihehe kakhulu abantu abahlukene abakhonze ukuvakashela izindawo ezahlukene zokuvakasha," usho kanje.

USIHLALO weBhodi ye-KwaZulu-Natal Tourism and Film Authority uDkt Sibusiso Ndebele ekhuluma emcimbini wokugubha inyanga yezokuvakasha obuseNdoni Yamanzi Bar & Grill, KwaDlangezwa, eMpangeni ngoLwesine

Image: KZN TAFA

Eqhuba, uthe njengoba indikimba yezokuvakasha nonyaka ithi Tourism and Suistainable Tranformation, kumele baqhubeke babeke eqhulwini ukuza nezinhlelo ezizoza noguquko kule mboni nokuzokwenza ukuthi iqhubeke yenze umehluko obonakalayo emphakathini.

UMNUZ Simphiwe Hadede umnikazi weNdoni Yamanzi Bar & Grill, esemcimbini obusendaweni yakhe wokugubha inyanga yokuvakasha obungoLwesine

Image: KZN TAFA

"Lokho singakwenza ngokuthi senze izinto nezinhlelo ezizothuthukisa abantu abasha futhi zibakhuthaze ukukhuthalela ukuvakashela izindawo ezahlukene zokuvakasha, nokuthi babone lo mkhakha ungofanelwe ukuthi bangene bagxile kuwona ngoba kuyiqinisio esingeke sakwazi ukuliphika ukuthi yibona abayikusasa lezwe lethu," kusho uMfu Zondi.

IMEYA kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, ikhansela Sikhumbuzo Dlamini, ikhuluma emcimbini wokugubha inyanga yezokuvakasha obuseNdoni Yamanzi Bar & Grill, KwaDlangezwa, eMpangeni ngoLwesine

Image: KZN TAFA

Usihlalo webhodi yophiko lwezokuvakasha iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority (KZNTAFA) uDkt Sibusiso Ndebele yena uthe imboni yezokuvakasha ingenye yezimboni ezimqoka nezisiza ukuthuthukisa umnotho wezwe, okufakazelwa wukuthi engxenyeni yokuqala yalo nyaka izwe lamukele izivakashi ezivela kwamanye amazwe ezingaphezu kuka-5 million.

IQEMBU lesicathamiya Abafana Bobumbano LukaCothoza benandisa emcimbini wokugubha inyanga yezokuvakasha obuseNdoni Yamanzi Bar & Grill, KwaDlangezwa, eMpangeni ngoLwesine

Image: KZN TAFA

"Kanti futhi izibalo zabacwaninga ngezokuvakasha zisikhombise ukuthi isifundazwe sethu sihamba phambili ngezivakashi ezivakashela esifundazweni sazo, okungesinye sezizathu ezenza sishisekele ukuhlale senza izinhlelo zokuqhakambisa ezokuvakasha esifundazweni sethu, ikakhulu njengoba imboni yethu isimama emva kokuphazamiseka kakhulu kule minyaka emihlanu edlule," kusho uDkt Ndebele.

ISIKHULU esiphezulu seKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority, uMnuz Sibusiso Gumbi, sithamele umcimbi wokugubha inyanga yezokuvakasha obuseNdoni Yamanzi Bar & Grill, KwaDlangezwa, eMpangeni ngoLwesine

Image: KZN TAFA

Umphathi wale ndawo obekuhlanganyelwe kuyona, uMnuz Simphiwe Hadebe, uthe kuyamjabulisa ukuthi lolu hlelo lwenziwe endaweni ayiholayo, akholwa wukuthi kuzoba nomthelela omuhle wokuyithuthukisa nokusabalalisa igama layo ukuthi laziwe nangabantu bakwezinye izindawo ukuze kwande izivakashi ezizoza zizozijabulisa kuyona. 

UMPHATHISWA woMnyango wokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezokoNgiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi noMnuz Simphiwe Hadebe ongumnikazi wNdoni Yamanzi Bar & Grill, KwaDlangezwa, eMpangeni, besemcimbini wokugubha inyanga yezokuvakasha obukule ndawo ngoLwesine

Image: KZN TAFA

Lo mcimbi ubuhanjelwe yizinhlaka ezahlukene zohulumeni kubalwa uNksz Vanessa Le Roux woMhlathuze Municipality, iMeya kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, yikhansela Sikhumbuzo Dlamini, yisikhulu esiphezulu se-KZNTAFA uMnuz Sibusiso Gumbi, wumlingisi obephethe uhlelo, uMthandeni Mbambo, wumculi uMondli Ngcobo nezinhlaka zomkhandlu wobukhosi baseMhlathuze namaphethelo.