ABEZEMVELO KZN Wildlife babe nomcimbi wokuhlonipha abaqaphi baseziqiwini
Image: Sithunyelwe
AbeZemvelo KZN Wildlife babungaze abaqaphi beziqiwi abangaphezu kuka-150 abazinikele, behlonipha isibindi sabo esikhulu nokuzinikela kwabo ekuvikeleni izindawo zasendle zaseNingizimu Afrika.
Ngaphansi kwesiqubulo esithi “Abaqaphi Banika Amandla Ezokongiwa Kwemvelo,” lo mcimbi ukhanyise indima ebalulekile ekhathulwe yilaba baqaphi ekubhekaneni nezidingo ezikhulayo zokongiwa kwemvelo. Umgubho uzwakale kakhulu kulo lonke usuku kukhulunywa ngokuningi. Lokhu bekuhlanganisa izingxoxo ezehlukene ezenzelwe ukukhuthaza ubudlelwano kubasebenzi.
UMusa Mntambo okhulumela lesi siqiwi, uphawule ukuthi lo mbungazo ubuhambisana ngqo nezinhlelo zosuku.
"Lokhu bekuhlanganisa izingxoxo ezehlukene ezenzelwe ukukhuthaza ubudlelwano phakathi kwabasebenzi bezokuvikela, kwaphinde kwagcizelelwa nokuqina ngokomzimba nangokwengqondo okudingekayo emsebenzini wabo onzima nokwesekwa okudingekayo kwabaqaphi bethu bamagugu emvelo," kusho uMntambo.
Amazwi akhe enanelwe nayinqwaba yabantu abebehambele lo mcimbi, okuhlanganisa nabamele umbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) noMbutho wezokuVikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF), ababambe iqhaza bakhombisa ukuziphatha kwabo namakhono abo ahlukahlukene.
Lo mgubho ulandela owangenyanga kaJuni, lapho bekuqhakanjiwa khona abaqaphi besifazane baseziqiwini. Ihhotela laseBergville eligudla isiqiwi iSpioenkop, iThree Tree Hills, lagqamisa abaqaphi ababili balesi siqiwi abayimbokodo ekhethekile nesebenza ngokuzikhandla.
UTebogo Mtshali uyiSection Ranger noNtombi Zulu uSenior Field Ranger. Ngemuva kokuphothula izifundo zakhe eMangosuthu Unversity of Technology, uTebogo waqashwa ukuthi enze izifundo ze-Ezemvelo. Ngaphambi kokuthi aqedele ngisho ukufundela umsebenzi, wahlwitha isikhundla sokuba yi-Field Ranger eHluhluwe-iMfolozi Wilderness Area, lapho asebenze khona iminyaka engu-13 ngaphambi kokuthi anyuselwe esikhundleni sakhe njengoSection Ranger eSpioenkop. Uhlale ezizwa esekelwa amaqembu akhe nabaphathi bakhe, okumenze wakwazi ukugqama emsebenzini wakhe.
UNtombi waqala umsebenzi wakhe esiqiwini esincane, oNgoye Forest, ihlathi elinomlando ojulile eduze kwaseMthunzini, wabe esechitha iminyaka engu-10 eqapha indawo yaseSiMangaliso Wetland Park ngaphambi kokuba adluliselwe eSpioenkop njengoMqaphi Omkhulu. Uthole inselelo ngenxa yemikhuba eyenziwa ngabanye beesilisa esifundeni sakithi kodwa uthi ukuqeqeshwa kwe-Ezemvelo kumnike amathuluzi okubhekana nalezi zinselelo.
"Sibungaza abaqaphi ababili abasebenza ngokuzikhandla. Abesifazane badlala indima ebalulekile ekuvikeleni izilwane ezisengozini yokushabalala, ekulweni nokuzingela ngokungemthetho nasekukhuthazeni ukusimama kwemvelo. Siyakuhlonipha ukuzibophezela kwabo njengoba kungeyona indima elula. Kuyimboni egcwele abesilisa, enezinselelo ezinzima. Sinenhlanhla yokuba nababili balaba besifazane abanamandla abahola amathimba ezokulondolozwa kwemvelo endaweni eyisiqiwu esingumakhelwane, i-Spioenkop," kubhala abeThree Tree Hill.
UTEBOOGO Mtshali oyi-Section Ranger noNtombi Zulu oyi-Senior Field Ranger
Image: FACEBOOK/ THREE TREE HILL
KUHLANGANE abaqaphi abahlukene beziqiwi kwenziwa izinhlelo nemidlalo eyahlukene emcimbini wokuhlonipha iqhaza labo ekuqapheni imvelo nasekukakekeleni izilwane.
Image: Sithunyelwe