ENYE yezinkampani ezikhiqiza iwayini kuleli zwe i-JC Le Roux igqamise ubuhle bokwenza i-picnic, ngenkathi ijabulisa abantu nezicukuthwane ebibamemele etendeni layo ebeliyingxenye yabekujatshulwa kuwona emcimbini womjaho wamahhashi nezemfashini iHollywoodbets Durban July, obuseGreyville Racecorse, eThekwini ngoMgqibelo.
Ngokujwayelekile izinkampani ezisuke ziyingxenye yezizoba namatende azo kulo mcimbi, ziyaye zibuthalene etendeni, kube nezihlalo okuhlalwa kuzona, kujatshulwe ngaphakathi. Kodwa lapho obekubuthanelwe khona abe-JC Le Roux, bekuyisitayela se-picnic, ebesingafuleliwe phezulu, kuhlotshiswe ngemibala egqamile, egqizise obomvu nomhlophe, okuhambisana neminye yeminye yemikhiqizo yabo yewayini.
UMCULi weRn'B uLanga Mavuso ejabulisa abantu etendeni le-JC Le Roux kwiHollywoodbets Durban July, ebiseGreyville Racecourse, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
Abantu abalinganiselwa ku-100 abebemenywe ukuhlanganyela kulona babusiswe ngomculo opholile, ukuhambisana nesitayela sabo. Kunandise uDJ u-PH oshaye amanoni ehlukene omculo opholile nogijima negazi, nomculi weRn'B uLanga Mavuso - oqhulule amanoni ehlukene aziwa ngawo, kubalwa nelithi Intlizyo, alishaya noLloyiso.
IZINTOKAZI ebezijabulisa abantu ngokudansa etendeni le-JC Le Roux kwiHollywoodbets Durban July, eGreyville Racecourse, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
Esinye sezikhulu zale nkampani uNksz Siphokazi Solani uthe: "Lobu bukhazikhazi bezinga eliphezulu besibenzele ukuthi izimenywa zethu zithole ithuba lokushaywa wumoya, zibe zikwazi futhi ukuthi zisabalale ngomqondo, esikholwa wukuthi kuzothi njengoba kubuywa lana zibe sezibuka impilo ngenye indlela, sekuqebuke nolwembu emehlweni."
Njengakwamanye amatende, nakuleli ingqephu ibidla lubi - abantu abaningi abebemenywe kulona bebeswenke becosha, bengeke besahlalwa nayimpukane uqobo. Kube yithuba elihle lokungcebeleka, ukhohlwe yizinkinga nezinsizi eziningi, ujabule futhi ukwazi nokuxoxa bese wakha ubudlelwano nabanye abantu ohlangane nabo khona, okungakusiza ngomuso.