Siphekani ngoKhisimusi?

Nonkululeko Nhlapo|Published

UHLOME ngani kulo Khisimusi ekhishini njengoba abantu bemagange ngokuzama izithako ezintsha bakhiphe unyawo sebehlangene nezihlobo isithombe: FACEBOOK/Big City Life

USUFIKILE uKhisimusi kodwa baningi abasadidekile ngokuthi bazopheka ini nokuthi bazokwenza kanjani ukuqinisekisa ukuthi baba nosuku oluhle.

Funda indlela elula yokwenza ukudla okumnandi usebenzisa izithako zansuku zonke.

SHINTSHA umshovo nge-rice elithakwe ngemifino Isithombe: FACEBOOK/Banting Foodie

ISavoury Rice

Izithako

Irayisi - kala ngobuningi bomndeni wakho

Izaqatha eziqotshwe ngobude

I-yellow, red no-green pepper

anyanisi

amafutha

usawoti

ugalikhi nejinja

Ubhekeni wengulube noma wenkukhu oqotshiwe

I-cumin, cajun seasoning, paprika, turmeric, white pepper (uhhafu wesipuni isithako ngasinye) noma usebenzise i-biryani mix.

Indlela yokwenza

Pheka irayisi ngokujwayelekile kodwa lingavuthwa kakhulu. Eceleni thosa u-anyanisi, uma usuvuthwa faka ugalikhi nejinja, izaqatha nama-pepper. Faka ama-spice akho onke uhlanganise kahle ufake nosawoti, ubhekeni.

Hlanganisa nerayisi ugovuze kuze kuhlangane kahle emlilweni ophansi. Cisha umlilo.

Thokozisa umndeni wakho ngokuphela lesi sitambu esimnandi nesilula isithombe:FACEBOOK/Meals for you_with Hunadi

Isitambu

Izikhathi sezashintsha, abantu sebeshuna isitambu ngezindlela eziningi sibe mnandi.

Nawe ungafunda futhi wengeze izithako ozithandayo.

Izithako:

Isitambu (esiphekiwe savuthwa)

Ubisi

ushizi

aromat

ama-herb

ama-mushroom noma ama-pepper

ibhotela

i-cheese sauce

Indlela yokwenza:

Epanini thosa ama-mushroom asikiwe noma ama-pepper akho ngebhotela bese ufaka i-aromat nama-herb. Faka lokhu esitambini sakho esivuthiwe bethe uthela ubisi (kala ngenkomishi sithambe kahle isitambu sakho). Eceleni bilisa amanzi ufake icheese sauce yakho ugoqoze bese uyifaka esitambini wengeze ngoshizi ogrethiwe. Bonda kuze kuthambe kahle bese uyakususa emlilweni.

UHLOME ngani kulo Khisimusi ekhishini njengoba abantu bemagange ngokuzama izithako ezintsha bakhiphe unyawo sebehlangene nezihlobo isithombe: FACEBOOK/Big City Life
UHLOME ngani kulo Khisimusi ekhishini njengoba abantu bemagange ngokuzama izithako ezintsha bakhiphe unyawo sebehlangene nezihlobo isithombe: FACEBOOK/Big City Life

Wena uhlome ngani kulo Khisimusi?

Sithumele umlayezo nezithombe zokudla ohlela ukukupheka kulo khisimusi ku-[email protected]