BEZENZEKA emzileni weComrades Marathon ngeSonto esuke eCity Hall, eThekwini yayophelela eHollywoodbets Scottsville Racecourse eMgungundluvu.
Izinkulungwane zabagimi abaqhamuka kuleli nasemazweni angaphandle ziphume ngobuningi ziyolwela ukufeza amaphupho azo ngokuqeda lo mjaho obungoka-97, uyibanga elingu-85.9km.
UTINASHE Muchene waseZimbabwe ube ngomunye wabagijimi ababe neshwa lokuvalwela sebefikile eScottsville Racecourse, eMgungundlovu ngenxa yokuthi bese ushayile umnqamulajuqu wamahora awu-12 okumele kuqedwe ngawo iComrades Marathon ebigijinywa izolo Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA
BESE kushubile kule nsizwa eshobingayo ngesikhathi iyibambe kwiComrades Marathon izolo Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA
UNOMPUMELELO Magwaza akasalanga ngaphandle ezinkulungwaneni ebeziyibambe kwiComrades Marathon njengoba lapha ethathwe ejabulela ukudlula ebangeni elinguhhafu womjaho eDrummond Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA
KUBHEDILE kuNeumann Klaus (72) waseGermany onezindondo ezingu-28 zeComrades Marathon ngesikhathi bevalelwa benoSolomon Mkhwanazi eDrummond lapho befike khona sekudlule isikhathi esiwu-6:10:00 esibekiwe Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA
BESE kusele u-33km ukuthi baqede iComrades Marathon izolo laba bagijimi abese besizana endleleni imisipha ingasavumi Isithombe: SHELLEY KJONSTAD/INDEPENDENT MEDIA