Ukhamba lufuze imbiza kohlabane ngomfundaze wemfashini #HDJ

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Vuyisile Ngobese weHolllywood Foundation noStacey Norman we-East Coast Radio bephahle uNksz Andile Cele odle umhlanganiso we-Young Designer Award kwiHollywoodbets Durban July, ebiseGreyville Racecourse, eThekwini ngoMgqibelo

Image: GRAHAM DANIEL/GAMEPLAN MEDIA

UKUKHULA esondelene nonina onebhizinisi lokuthunga futhi ethekela ulwazi kuyena, kwenza uNksz Andile Cele wakhula ethanda ukuthunga futhi kwamkhuthaza nokuthi afunde kuyena okuningi ngale mboni.

Umvuzo walokho kusebenza kanzima nokuzihlupha kwakhe ngolwazi lwalo mkhakha, uwuthole emcimbini womjaho wamahhashi nezemfashini iHollywoodbets Durban July, obuseGreyville Racecourse, eThekwini ngempelasonto, lapho ekhale wemuka khona nesicoco se-Young Designer Award, esihambisana nomfundaze kaR70 000 wokuqhuba izifundo zakhe.

Le ntokazi yaseVerulam, enyakatho yeTheku, yenza unyaka wesibili ezifundweni zemfashini eMgungundlovu TVET College. Endaweni yesibili ilandelwe wuMnuz Manqoba Mnguni weGoda Incubator othole umthobanhliziyo kaR50 000 noNksz Mpilo Sithole ofunda eDurban University of Technology, yena othole uR30 000.

Laba basiki bengqephu abaziyisitshudeni babhincisele nxanye abayisikhombisa abebencintisana nabo, bona ababekhethwe kwabawu-25 obekuhlungwa kubona.

Laba abayisikhombisa abanganqobanga bathole oR2 000, bokubakhuthaza ngokungenela, abebetholwa yibo bonke abawu-10 abebencintisana emzuliswaneni wokugcina.

INGUBO kaNksz Andile Cele adle umhlanganiso ngayo kwiYoung Designer Award, kwiHollywoodbets Durban July

Image: SITHUNYELWE

Exoxa neSolezwe emva kokunqoba uNksz Cele (24), uthe lokhu kusho lukhulu kuyena futhi kuyamkhuthaza ukuqhubeka athole olunye ulwazi lwezemfashini oluzomsiza ukuthola amasu nolwazi lokuqhubeka akhulise ibhizinisi lakhe aliqale ngoFebhuwari.

"Manje ngihlela ukuthi ngonyaka ozayo ngithole isikole esizongisiza ngolunye ulwazi lwezemfashini, futhi ngikholwa wukuthi ngisesindaweni enhle manje engibona emaningi amathuba azoza nezingowathola uma ngiqhubeka nokuzikhandla ngomsebenzi wami. Ukuqinisa kwami ekutheni imisiko yami ikhange futhi igqame kuneyabanye ngenye yezinto engibona zibe nomthelela wokuthi nginqobe," usho kanje.