Kubhekwe ingqephu yosaziwayo nomacaphunakusale kowePolo

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUBHEKWE ubukhazikhazi bosaziwayo nezimpunyela kowePolo eSandton

Image: SITHUNYELWE

UMDLALO wePolo ngeke uwuhlukanise nosaziwayo, izimpunyela nefeshini ehamba phambili. Abantu abaningi abahambela lo mdlalo, basuke bengagxilile kangako emdlalweni ngqo kodwa basebenzisa ithuba lokugqamisa isitayela sabo.

IJohnnie Walker Blue Polo ikhuza ibuya ngeSonto, eSandton, lapho kuhlelwe khona ubumnandi bodwa kanjalo nombukiso wengqephu ukugcizelela ukuthi akuwona kuphela umdlalo we-Polo obhekiwe kodwa abasiki bengqephu bazothola ithuba lokukhangisa imisebenzi yabo kosaziwayo, osomabhizinisi nabathandi bobumnandi abazobe bekhona.

AbeJohnnie Walker bathembisa ubusuku obumnandi ngendlela engajwayelike abantu bebukela umdlalo wePolo behlisa ngogologo omnandi nobizayo, kushaya umoya endaweni yomtakabani kudlala nomculo oshaya ngesigqi esipholile.

"Ngalo mcimbi weJohnnie Walker Blue Polo, sihlose ukunikeza izithameli zawo ubuhle obungasoze balinganiswa nalutho ngenhloso yokugqamisa lesi siphuzo sethu sekhethelo. Akuwona umcimbi-nje kodwa ukuhlangana ndawonye kobuciko obugqamisa amasiko, ukuxoxwa kwendaba yamagugu kanjalo nengqephu yekhethelo," kusho uMpimy Mashimbye, oyiSenior Brand Manager Reserve Scotch (South, West & Central Africa).

Nakhu ongakulindela kulo mcimbi;

  • Umbukiso wefeshini ozobanjelwa phakathi esitebeleni samahhashi ukubonisa ingqephu ehambisana nomdlalo wePolo
  •  Funda kabanzi ngeJohnnie Walker Blue Label: Inxusa leJohnnie Walker lizokhangisa usingaye, isiphuzo sekhethelo nezindlela ezahlukene ongasithokozela ngazo
  • Indaba ixoxwa ngezithombe: Kule ndawo ehlotshiswe kahle ngenhloso yokunika abantu ithuba lokuthatha izithombe ezinhle ngabathwebuli abahamba phambili.
  • Okwakho ngqo: Kukhona isiteshi esenzelwe amakhasimende azothenga ugologo we-Blue Label bese bebhalelwa umlayezo okhethekile oqondene nawe ngqo.

IJohnnie walker blue Polo

Image: SITHUNYELWE

IKHONA indawo yonontandakubukwa abathanda ukuphosa ezinkundleni zokuxhuma

Image: x

ABAQAPHI bemfashini bazobe belinde ngabomvu ukubona abashaye udaka nabakhiphe unyawo koweJohnnie Walker Blue Polo eSandton

Image: X

KUKHULUMA nomswenko emdlalweni we-Polo eSandton

Image: X

NGONYAKA odlule osaziwayo bakhipha unyawo ngengqephu koweJohnnie Walker Blue Polo

Image: X