Utusa udadewabo owamhlahlela indlela kwezefeshini

Nonkululeko Nhlapo|Updated

UNELI Ngwane ongumnikazi weNeLindi Fashion House utusa amagalelo kadadewabo owatshala kuye imbewu yothando ngebhizinisi lokusika ingqephu.

Image: Sithunyelwe

 UKUSONDELANA nodadewabo owayengumsiki wengqephu kutshale imbewu yothando lwaleli bhizinisi kuNeli Ngwane, odume ngelikaNto.

Le ntokazi eneminyaka engu-38 yaseMbo, ngaseHillcrest eyafunda amabanga aphezulu eKhabazela High School ithi yayingahlosile ukungena embonini yabasiki bengqephu kodwa yazithola isincike eduze kukadadewabo.

"Ngibe ngumsiki wengqephu kulandela ifa likadadewethu ongasekho owafunda iFashion ngemuva kokuphothula u-matric Ube esevula eyakhe inkampani ebizwa ngeLindarco. Wenza umkhiqizo wakhe waziwa ngokungenela imincintiswano eyahlukene, imibukiso yemfashini, ukuhambela imibukiso yemfashini nemicimbi yemfashini nomculo. Ngaqala ukuhlwayela uthando ngesikhathi ngimodela izingubo zakhe. Futhi ngangichitha isikhathi esitolo sakhe njengomsiziwakhe, ngikucosha lapho engikhonjiswa khona, ngi-ayine futhi ngixhumana namakhasimende. Ngafunda lukhulu kuye ngoba wayephumelele futhi aziwa iTheku lonke," kusho yena.

Ngeshwa udadewabo wadlula emhlabeni ngo-2013 ngenxa yomdlavuza wesikhumba. Uthi yilapho abona khona ukuthi akakwazi ukuyeka umsebenzi kadadewabo ushabalale ekhona. "Ngasukuma lapho, ngisebenzisa ulwazi engaluthola kudadewethu ngihlanganisela amalungu omndeni izimpahla."

Uthe akakufundelanga ukuthunga kodwa ukwesekwa akuthola kunina nodadewabo omdala ababemgqugquzela njalo yikhona okumenze wazethemba futhi nabantu bebelokhu befike njalo befaka ama-oda. 

"Ngaqhubeka nebhizinisi lakhe futhi angizange ngibheke emuva. Ngakwazi ukuwagcina amakhasimende akhe futhi ngathola namanye ngokuhamba kweminyaka. Ngashintsha igama lebhizinisi ngalibiza ngeNeLindi Fashion House, ngihlanganisa igama lami elithi Neli nelikadadewethu uLindiwe ngoba ngiyakholwa wukuthi umoya wakhe unami futhi akukho engingakuzuza ngaphandle kwakhe.

Le ntokazi ithunga lonke uhlobo lwengubo, kusuka kwingqephu yemicimbi yekhethelo yasebusuku, okwesintu, okwezingane, nokwabesilisa imbala.

UNeli Ngwane ukhiqiza izingubo zemicimbi eyahlukene

Image: Sithunyelwe

UFISA ukukhulisa umsebenzi wakhe usabalale izwe lonke umsiki wengqephu weNeLindi Fashion House ozinze eMbo, eHillcrest

Image: SITHUNYELWE

UNELI uthi ufunde lukhulu kudadewabo ngokuphatha ibhizinisi

Image: Sithunyelwe

UKWESEKWA wumndeni wakhe yikona okwanikeza uNeli ugqozi lokuqhubeka nokuthuthukisa ibhizinisi likadadewabo

Image: Sithunyelwe