IMIBALA ezothile isahamba phambili ebantwini abaningi ebusika
Image: Pinterest
NGENGOBA sebuqalile ubusika, kuningi abantu besifazane okumele bakuhlele ngobuhle babo, kulokhu sibheka imibala nezitayela ezinhle zezinzipho.
Kungakhathalekile ukuthi ungumuntu osebenzayo noma ozihlalela ekhaya, kodwa kuhle ukuqikelela ukuthi izandla nezinzipho zakho kuhlezi kunakekelekile. Akuyi ngobuhle kuphela, kodwa izinzipho ezenziwe kahle ziqhakambisa ubuwena, isitayela sakho nokuyinto ekhombisa ukuzithanda futhi ube nokuzethemba.
Ubusika baziwa kakhulu ngemibala ezothile, amajazi ansundu, amnyama noma abovu. Kodwa-ke abaningi basuke bebhekelele kakhulu ukufudumala kunokulandela isitayela nefeshini, yingakho kubalulekile ukuthi izinzipho zakho zixoxe indaba egcwele ngawe ngokwemibala oyikhethayo kanjalo nendlela ozihlobisa ngayo.
Izazi zesitayela zithi imibala ezothile iyona evame ukudlisa ebusika, kodwa kulo nyaka izinto zishintshile njengoba kwanda kakhulu imihlobiso egqamile yezimbali, ama-glitter. Kubuyiswe nesitayela iFrench manicure esishaya ngemibala ehlukene.
UTiny Dlamini ongumnikazi weSorbet Salon eDurban North uthi i-soft gel iyona ehamba phambili kulobu busika. Izinzipho zejeli ezithambile zinhle ebusika, zibukeka kahle njengezinzipho zakho zemvelo kunejeli eqinile noma i-acrylic.
"Abantu abaningi benza lolu hlobo lwejeli ngombala ozothile o-burgundy (obomvu ngokujiyile) uhlotshiswe ngezinkanyezi ezimbalwa ngezansi kozipho. Lo mbala uzothile, uhambisana nanoma yini oyigqokayo," kusho yena.
Uthe lolu hlobo lufanele abantu abanesikhumba esithambile nesinamafutha abangadingi ukugcoba izandla njalo ngoba ijeli iyashesha okonakala uma umuntu ezixina ngokokugcoba.
AbePassion Beauty Salon babona isitayela sezinzipho ezenziwe nge-acrylic sidlisa kakhulu ngalesi sikhathi ngemibala egqamile nemihlobiso emincane. Izitayela ezidumile zifaka izinzipho ezimfushane, umumo we-alimondi, namaphalethi ombala ahlukahlukene afana nobomvu be-cherry, abamnyama bakudala, nokuhlaza okwesibhakabhaka.
Abanesikhumba esomile, kuhle benze i-acrylic ngoba iqinile, ngeke iphazamiseke uma ugcoba njalo izandla.
LO mbala yiwona othandwa kakhulu ebusika ngabantu abathanda ukwenza i-soft gel
Image: Pintrest
Amasu okunakekela izinzipho zakho ebusika
Isimo sezulu sasebusika singomisa izinzipho zakho nama-cuticles. Landela lamasu ukuze ugcine i-manicure yakho ingenasici:
Ezingasoze zabuna i-french acrylic isahamba phambili njengentandokazi yabaningi, ziningi izindlela zokuhloba kahle
Image: Pinterest
I-Acrylic ifanela kakhulu abanesikhumba esomile ebusika ngoba badinga ukugcoba izandla njalo
Image: Pinterest
Imicala ecebezela ngokuhlaza iyona efanele izintokazi ezinombala ozothile ebusika
Image: will tiptop
Ziningi izindlela zokuhlobisa izinzipho ngemibala emihle yemvelo engagqamile
Image: Pinterest