Nakekela izinwele zakho ngendlela efanele kulobu ubusika

Nondumiso Gumede|Published

KUBALULEKILE ukunakekela izinwele ebusika

Image: Google images

IZINWELE ziyimiqhele yethu, njengomzimba, kunendlela okumele uzinakekele ngayo ukuze zihlale zizinhle futhi zinempilo.

Ziningi izinhlobo zezinwele, kukhona abanezinwele ezithambile ezonakalala kalula uma zifakwa imithi yokuzilula, kukhona eziqinile futhi ezihlangene ezingadingi ukushisa okukhulu uma uzilula futhi usebenzise ikamu elinamazinyo amakhulu. Okufanayo ngezinwele yize ziyizinhlobonhlobo wukuthi zidinga ukunakekelwa ngendlela ekhethekile nangezitayela ezikhethekile ebusika ukugwema ukonakala kwazo.

Umuluko odume ngeSnoopy noma ithambo lafishi, umeluko osizayo ekukhuliseni izinwele.

Image: Google image

I-Snoopy, singezinye izitayela ongaziluka kule sizini, izinwele zivikeleke, ziphinde zikhulu kahle, zingashodi ekhanda. Lo meluko awudingi ukuthi usebenzise okuthize ukuze uhlale ubukeka kahle.

Eminye yemiluko elungele ubusika, Amagoda.

Image: Google image

Izitayela ezidumile zihlanganisa imiluko efana nemiluko yamabhlokisi, ama-knotless braids, nama-faux locs, kanye ne-twist (ukusonteka okufana nokusontwa kwemicu emibili). Lezi zitayela zisiza ukuvikela izinwele emoyeni obandayo, owomile wasebusika ziphinde zikhuthaze ukugcinwa kobude futhi zinciphisa ukuphuka.

Amagoda/ Bantu knot, alungele umuntu ongathandi ukuluka isikhathi eside, asiza nezinwele zihlale zibophekile, enza kube lula kakhulu ukuba zikhule futhi zibe nempilo. kulula nokukwenza ube semfashinini, uphinde ukubophe ngeduku ulethe lowombala ohehayo.

UMELUKO omuhlle futhi ohehayo, i-Straight back esigoqiwe

Image: Google image

I straight back, Lesi isitayela siheha kakhulu ngokuvuleka kwemigqa yaso, okunikeza ikhanda ithuba lokuphefumula, le mingqa iphinde yenze kube lula ukufaka okokungcobisa okunamafutha ekhanda.

Ama-knotless braids, lo meluko muhle, wenza izinwele zikhululeke, zikhule kahle yize zisontiwe kepha ukufaka izinwele zokufakelwa ama- extension kwenza ube nesiqineseko sokuthi zivikelekile.

UMELUKO ama-knotless braids

Image: Google image

Dreadlocks, isitayela esijwayelekile, osenza ngezinwele zakho zemvelo noma uphinde ufake ezokufakelwa. Konke kuyahambisana, silungele umuntu ongathandi ukufaka ama-sprays ukuze isitayela sihlale sinempilo. Kusetshenziswa i-gel ukuze ikhulise izinwele iphinde izenze zihlale ziswakeme.

UMELUKO osontiwe, obophiwe, dreadlocks

Image: Google image

Imiluko eveziwe ikulungele ukulukwa kulesi isikhathi sobusika, okubalulekile ukuqaphela imikhiqizo oyisebenzisayo. Sebenzisa imikhiqizo yasekhanda engenawo amakhemikhali alimaza izinwele, ungasebenzisa lawa: Organic product kanye namafutha ayizinhlobonhlobo, e-coconut, awakwatapeya kanye ama-flax seed. 

I-Flax seed ingaba wusizo ezinweleni zakho. Iqukethe izakhi ezifana ne-omega-3 fatty acids, amavithamini B no-E, namaprotheni. Nazi ezinye izindlela i-flaxseed engasiza ngazo izinwele zakho: I-Healthline, Ikhuthaza ukukhula kwezinwele, ukuqinisa izinwele kusuka ezimpandeni.

AMA-FLAX seed, Ungawasebenzisa ezinwelweni zakho

Image: Lineseed image

Aphinde abambe elikhulu iqhaza ezinweleni, uwafaka emanzini abandayo kampopi esitsheni ungawakhiphi, ahlale ubusuku bonke, ngakusasa ugcobisa izinwele uhlale nawo usuku lonke, emva kokwenza njalo ube usungcobisa amafutha akho eCastor.

IZINWELE ezintofontofo, eziqhakazile

Image: Google image

Zinakekele ngendlela efanele futhi ephephile engadli ephaketheni. 

1. Ingxube yamafutha e-coconut kanye noju.

Indlela yokukwenza:

  • Izipuni ezimbili zamafutha e-coconut (ukufudumeza kancane, ukuze kusebenze kalula)
  • 1 isipuni soju
  • Hlanganisa kuze kube bushelelezi.

Faka ezinweleni ezihlanzekile, ezimanzi, kusukela phansi okhakhayini, ulinde imizuzu engu-30, bese ugeza kahle nge-shampoo njengenjwayelo.

OKUSESITHOMBENI: Amafutha e-coconut kanye noju lwezinyosi

Image: Googl image

Amathiphu okuthola imiphumela eyengeziwe:

Sebenzisa le ngxube kanye ngesonto ukuthola imiphumela emihle.

Vikela izinwele zakho: Nciphisa umonakalo owengeziwe ngokusebenzisa okuzovikela izinwele ngaphambi kokubhukuda.

Ukunakekela okungazilimazi izinwele: Khetha ama-shampoo angenayo i-sulphate futhi ugweme ukuzigeza ngokweqile.