USHAYWA wumoya kanjena uma uvakashele eDoonside Beach, eKingsburgh, eningizimu yeTheku
Image: SITHUNYELWE
IDOLOBHA iTheku ngelinye lamadolobha adlisayo KwaZulu-Natal nasezweni lonke ngobumnandi nezindawo ezahlukene zokuvakasha ezinobukhazikhazi obudida unwabu, nobumnandi nje obenza ukuthi ukhohlwe yizinsizi nokukuhluphayo.
Yingakho enye yezinkampani zamahhotela aseThekwini iSouthern Sun nophiko lwezokuvakasha eThekwini, iDurban Tourism, beqale uhlelo lokuqhakambisa izindawo zokuvakasha ezahlukene eThekwini namaphethelo, lapho bememe khona abezindaba ukuzokhangisa ngobuhle obungajatshulelwa ngabantu ngamaholidi kaDisemba.
Kulokhu kuqale ngokwehlukile nongeke ukulindele ukuthi ungakuthola eThekwini, njengoba lolu hambo luqale eDoonside Beach, eKingsburgh, eningizimu yeTheku, lapho ongathi uma uvakashele khona ushaywe wumoya opholile wolwandle, futhi ujabulele nokuhamba ngehhashi, litotobe nawe esihlabathini solwandle, ukhohlwe yizinsizi.
I-QUAD Biking ngeminye yemidlalo edlisayo endaweni yokuvakasha iHighStakes eseCato Ridge, entshonalanga yeTheku
Image: SITHUNYELWE
Enye yezindlela leyo ehlukile umuntu angazijabulisa ngayo uma ezoshaywa wumoya eThekwini, ngokuthi uqhele kancane enkabeni yedolobha; wenzele nokuthi ushintshe umoya, ujabulele ulwandle oluqhelile kancane edolobheni, kodwa futhi kube mnandi ngokufanayo.
Enye futhi indawo yokuvakasha enganakekile kepha enezinto eziningi ongazithokozela ebonakale kulolu hambo yi-HighStakes, eseCato Ridge, entshonalanga yeTheku okuthi uma uvakashele kuyona ujabulele imidlalo ehlukene ehlakaza umqondo okukhona kuyona i-quad biking, lapho uthubeleza ngesithuthuthu, unqamule emahlathini, uqwale nentaba.
UMA ukhonze ezemvelo uzokujabulela ukuvakashela ePhezulu Safari Park eseBotha's Hill, entshonalanga yeTheku
Image: SITHUNYELWE
Kule ndawo kukhona nomdlalo obizwa nge-zip line, lapho uhamba emoyeni uxhunyelwe entanjeni, uhlakaze umqondo nje ukhohlwe yizinto eziningi. Khona lapho futhi ungenza neminye imidlalo ongayithokozela o-paint ball shooting, clay pigeon shooting ne-archery - imidlalo yobumnandi ongeke uzitshele ukuthi ungayithola eThekwini.
Uma uwumuntu okhonze ezemvelo nokubuka izilwane zasendle ungadlula nasePhezulu Safari Park, lapho uzothola khona ithuba lokunqamula ehlathini noma singathi endaweni eyisiqiwi lapho kugcwele khona izilwane okukhona kuzona izinyamazane, amadube, izindlulamithi nezinye eziningi.
I-SOUTHERN Sun Elangeni & Maharani Hotel ngelinye lamahhotela asenkabeni yeTheku ongakujabulela ukuvakashela kuwona
Image: SITHUNYELWE
Konke lokhu kusiza ngokuthi uhlakaze umqondo, ukwazi ukucabanga izinto ezihlukile, ubone ubuhle nobubanzi bomhlaba, futhi ubone nokuthi imvelo ijule kangakanani, okungakusiza ukuthi ubuye usucabanga ngenye indlela, futhi usunamacebo amasha okumelana nempilo.
Mhlawumbe-ke usungathi uma kuwukuthi ubulele enkabeni yedolobha futhi ungafuni ukuhamba ibanga elide, kodwa usafisa ukuthola nokujabulela ubumnandi - uvele uthi shwi eMojos Carwash & Shisanyama, eseMayville, okuyibangana eliyimizuzu ewu-15 uma usuka edolobheni. Lapho uzofike uzwe futhi ubone ubumnandi obehlukene baselokishini, obuxutshwe nobukhazikhazi, isitayela nempatho okutholakala ngaphakathi kule ndawo.
I-THE Edward Hotel ngelinye lamahhotela asenkabeni yeTheku ongajabulela ukuvakashela kuwona
Image: SITHUNYELWE
Okuhle nokumnandi ngakho konke lokhu wukuthi ungathi ungcebeleka futhi ushaywa wumoya ube ungakhathazekile nakancane ngendawo yokulala ngoba ziyinqwaba izindawo zokulala ezisezingeni elicokeme futhi ezingamanani akahle ongalala kuzona ube ujabulela iholidi lakho.
Uma ufuna ukulala edolobheni ungaya e-Edward Hotel, eSouthern Sun Elangeni naseMaharani, lapho uzofike uthole impatho futhi kuthi uma ususegunjini lakho ububone bunjengoba bunjalo ubuhle bedolobha nobolwandle oluseduze nje ngaphesheya komgwaqo, nosuke usanethuba lokuthi tshope uyogubha amagagasi kulona.
Uma uthanda ungaya futhi koMhlanga nalapho uzofike uthole ubukhazikhazi bamahhotela ezinga eliphezulu okukhona kuwona iBeverly Hills, i-Garden Court namanye.