Izintaba zokhahlamba ziheha kakhulu izivakashi ezithanda imvelo nokuqwala izintaba
Image: Facebook
ABAHOLI bezokuvakasha nezokungcebeleka abavela kulo lonke elaKwaZulu-Natal bazohlangana e-The Oyster Box Hotel, eMhlanga ngoNovemba 6 engqungqutheleni yokuthuthukisa le mboni.
Ngalo mhlangano kuhloswe ukuhlola amathuba akhona embonini, ukubhekana nezinselelo nokudala ngokubambisana izixazululo ezisebenzayo zokukhula komkhakha esifundazweni.
Lolu hlelo luholwa omakadebona bemboni abafana neRed Carnation, Sun International, First Resorts, Beekman Group, ANEW Hotels, African Sky Hotels and Resorts, Champagne Sports Resort, neDream Hotels, ukubamba iqhaza kuvulekele kubo bonke abanothando lokwakha kabusha kanye nokuthuthukisa ezokuvakasha e-KZN.
Lolu hlelo lulandela impumelelo ye-Hospitality Industry Think Tank yesithathu ebiseGoli ngo-Agasti 2025, lapho ochwepheshe bezokuvakasha abavela kulo lonke elaseNingizimu Afrika babuthana ukuze babelane ngemibono, emisha, namasu okukhula okusimeme. Ngaphezu kokuqoqa u-R180 000 wenhlangano engenzi nzuzo iTouching Dreams, lo mhlangano wabuye wahlonza izinto ezibalulekile okumele zenziwe ngokubambisana.
Enye yezindikimba ezinamandla kakhulu ezavela kwaba yisidingo sokubeka iNingizimu Afrika kwelinye izinga. Izithunywa zigcizelele ukuthi ukukhula kwezokuvakasha kuncike ekukhangiseni ukwehluka kwezwe ngale kweKapa kanye neKruger National Park. IKwaZulu-Natal ihlonzwe njengendawo iqhakambisa ubuhle bemvelo ehlanganisa ubuhle obuyingqayizivele bolwandle, izintaba zokhahlamba kanye namahlathi.
IHluhluwe ayaziwa kakhulu ngokunika izivakashi isikhathi esimnandi kufundwa ngamasiko amagugu kaZulu
Image: Anew Hotel
“I-KZN iqukethe okukhulu okunikeza izivakashi isikhathi esimnandi ngokwanele futhi iyona ndawo esihlose ukugxila kuyo ukwenza izinguquko ezibonakalayo,” kusho uChris Godenir, inxusa leTouching Dreams.
Lolu hlelo luzokwenziwa ngokubambisana ne-FEDHASA, SATSA, kanye ne-VOASA, iThink Tank izogxila ezihlokweni ezinhlanu ezibalulekile:
● Ukusebenzisana - Ukuqondanisa imboni zikahulumeni nezizimele ukuze kube nentuthuko edidiyelwe ukuze kwenziwe amasu okulandisa okusha kanye nokuqamba kabusha i-KZN.
● Ukulungisa izisekelo - Ukubhekana nezinselelo zengqalasizinda kanye nomasipala abangasebenzi kahle.
● Ukuvuselela impahla engaphansi kukahulumeni - Ukuvulwa kwekhono lemvelo elihehayo namasiko.
● Ukuthuthukisa ukukhula komnotho - Ngezokuvakasha njengento ekhuthaza ezamasiko nokuthuthukiswa kwenhlalakahle.
● Ukuthuthukisa ezamasiko namagugu - Ukuqhakambisa ukubaluleka kokuhlonishwa kokubusa kobukhosi bakwaZulu.
Isihloko ngasinye sizocutshungulwa yiphaneli yochwepheshe bemboni, nezithameli ezibambe iqhaza. Izingxoxo zizophetha ngohlelo lokusebenza olufingqiwe oluchaza imiphumela ebonakalayo kanye nezibopho ezithile zokulandelela. Njengesizinda sokuqala, okutholakele okubalulekile kuzokwethulwa kumnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natale engqungqutheleni yezokuvakasha yezifundazwe, ehlongozwe ngomhlaka-7 Novemba 2025. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi imininingwane nezincomo zifinyelela kubenzi bezinqumo ababalulekile ngokushesha.
“I-KZN Tourism and Hospitality Think Tank ayihlosile ukuthi ibe inkundla yezingxoxo— imayelana nokwenza izinguquko ezibonakalayo,” kusho uRoger Macquet, uMqondisi weChampagne Sports Resort.”
Kuningi eningakwenza ningabangani ogwini olusenyakatho yeKZN
Image: Facebook
Margate ithathwa ngekhaya lobumnandi kwezokuvakasha ogwini oluseningizimu
Image: Margate sands
Abantu bangavakashela naseHowick indawo yamagugu lapho okwaboshwa khona uNelson Mandela
Image: Facebook