Ezokuvakasha

Ubuhle be-Diani beach ngeso lika-Anele Mdoda

Nonkululeko Nhlapo|Published

ULWANDLE lwaseDiani eKenya yilona oluthandwa kakhulu yizivakashi ezihambela kuleli zwe

Image: Anele Mdoda/Instagram

I-DIANI, eKenya, iyindawo esogwini engamakhilomitha angu-30 eningizimu yedolobha iMombasa.  Indawo yase-Ukunda/Diani yayinabantu abangu-70,788 ngo-2015 abangamaDigo, kodwa ukukhula kwemboni yezokuvakasha kuhehe izinkulungwane zabantu abasuka kwamanye amadolobha esifunda iMijikenda. 

Kunesikhumulo sezindiza esincane esakhiwe bude buduze nolwandle emgwaqweni ngasedolobheni iMombasa.

Ubuhle bolwandle olude, olunamanzi amahle isihlabathi esimhlophe qwa yikona okuheha kakhulu izivakashi. Abantu abaningi abavakashela kulezi zindawo bathanda ukubhukha emahhotela ahamba phambili njengeLeopard Beach Resort and Spa, Nomad Beach Resort, Baobab Beach Resort & Spa kanye neSonrisa Villas ethandwa kakhulu omacaphuna kusale.

Le ndawo ifanele kakhulu abathanda imidlalo yasemanzini nemvelo njengoba idume kakhulu nge-kite surfing ne-snorkeling. Ngaphezu kwalokho, likhona nethuba lokuhambela izindawo eziseduze nolwandle njengehlathi iKaya Kinondo lapho ozothola khona umphakathi owakhele le ndawo ujabulisa izivakashi ngokuzifundisa imidanso namaculo esintu ngohlelo lwe-Giriama cultural dance show. Kukhona neKongo River sunset tours, noma ucele ihhotela likuxhumanise nabasizi abazokukhipha bakufake edolobheni laseMombasa ngohambo lwamabhayisikili, udle ukudla kwesintu ufunde nolimi olukhulunywa kule ndawo iKiSwahili.

Intokazi yakuleli engumsakazi nomethuli wezinhlelo zethelevishini, u-Anele Mdoda, ivakashele kulolu lwandle lwaseDiani nesinqandamathe sakhe, uBonelela Buzza James Mgudlwa.

Le ntokazi engaconsi phansi kubalaleli bomsakazo i-94.7 yamangaza abaningi iveza umyeni ngesikhathi behlanganise imindeni ngendumezulu yomcimbi welobolo nomembeso ngomhla ka-20 Ephreli. Phela le ntokazi yayingakaze imveze nangobhozo uyise wengane yayo, abantu abaningi baze basola ukuthi indodana yayo yayithola kumngani wayo omkhulu uSizwe Dhlomo ongumsakazi weKaya 959. Ukuvela kwale nsizwa engummeli ozalwa ebukhosini babaThembu, kwashiya abaningi bebambe ongezansi.

Njengamanje lezi zithandani zimatasa namalungiselelo omshado, kanti umakoti ulokhu eveza izinhlelo zakhe kancane kancane  ezinkundleni zokuxhumana ethula izimpelesi zakhe, ophumalanga sikothe bosaziwayo abazobe bemumisile ngosuku olukhulu.

Yize lungakaziwa usuku olukhulu, sisathokozela lobu buhle beholidi labo bevakashele olwandle iDiani, eKenya.

 

IDIANI ifanele kakhulu abantu abafuna ukuphumula nabathanda imidlalo yamanzi olwandle

Image: Anele Mdoda/Instagram

IDIANI isogwini oluseningizimu nedolobhakazi iMombasa eKenya, ithandwa kakhulu ngobuhle bolwandle, imidlalo yasolwandle nezemvelo

Image: Anele Mdoda/Instagram

IXOXWA ngezithombe eyeholidi lomsakazi u-Anele Mdoda nomyeni wakhe uJames Mgudlwa

Image: Anele Mdoda/Instagram