ABACULI bomculo wokholo uNtokozo Mbambo noNqubeko Mbatha bazoba yingxenye yengqungquthela yabaPhostoli eWild Coast Sun
Image: X
AMAKHOLWA ayibheke ngabomvu ingqungquthela, iSouth Coast Apostolic and Prophetic Conference, ehlelwe abefundisi uFF Shozi kanye noLC Shozi beSouth Coast Covenant Fellowship Church International (CFCI).
Le ngqungquthela eqale ngoLwesine, 9 Okthoba kuze kube yiSonto, 12 Okthoba ibheke ukwamukela izinkumbi zabantu abasuka ezindaweni ezahlukeke.
Abahleli bayo bathembisa impelasonto yemvuselelo, ukwelapheka kwabadangele nabasosizini njengoba kukhona izikhulumi ezidumile okubalwa uMfundisi FF Shozi, Dkt MC Dhlomo, uMprofethi u-NH Dhlomo, noMfundisi LC Shozi, abazocobelela ngemiyalezo yabo enamandla. Kumenywe namaciko acula owokholo, uThobekile, Ntokozo noNqubeko Mbatha, ukwengeza nomculo ohambweni lukamoya.
"Sihlose ukwelapha abantu, nokwakha izizwe, le ngqungquthela yakhelwe ukuhlinzeka ngokucebisa okungokomoya okujulile nokuxhumana nomphakathi. Ukungena engqungqutheleni kumahhala nakuba izihlalo zilinganiselwe.Sinxusa abantu ukuba bafike kusenesikhathi ukuze bathole izindawo zokuhlala. Kungenwa mahhala ngoLwesine uMgqibelo nangeSonto kodwa ngoLwesihlanu kukhokhwa umnikelo kaR300 umuntu emunye," kusho abahleli ngesitatimende.
UTHOBEKILE wodumo lwezingoma zomculo wokholo uzoba yingxenye yengqungquthela ebhekwe ngabomvu eWild Coast Sun
Image: Facebook