Ezokuvakasha

Indumiso iza KwaDukuza ngaleli dili

Nonkululeko Nhlapo|Updated

UPHILANI Nkwanyana, Dumi Mkokstad noNomini Nyawose abazonandisa kowokholo KwaDukuza

Image: Sithunyelwe

"SIKUTHAKASELE kakhulu ukusondeza abaculi abathandwayo nabahlonishwayo abacula owokholo emphakathini wangakithi," lawa ngamazwi kaNksz Philisiwe Gumede ongumnikazi wendawo yezokuvakasha iCynthia’s Hive Estate, KwaDukuza.

UPhilisiwe usesebenze ngokuzikhandla ukubeka indawo yakhe ebalazweni njengenye yezindawo zekhethelo abantu abangayivakashela ukuhlela imicimbi ehlukene.

Yize ivame ukusebenza kakhulu ngokuqashwa yimindeni enemicimbi efana nemishado, ukugubha izinsuku zokuzalwa nokungcebeleka, uvamile ukuhlanganisa abantu ngamakhonsathi eJazz.

Libhekwe ngabomvu idili lomculo wokholo KwaDukuza

Image: Sithunyelwe

Kulokhu kuhlelwe indumezulu yedili lomculo wokholo nge-Gospel Praise Fest elindelwe ngabomvu ngomhla ka-25 Okthoba.

Exoxa neSolezwe Ngempelasonto, uPhilisiwe uthe lona ngumgubho wokholo, umculo, nendumiso uzohlanganisa abaculi bowokholo abadumile okubalwa kubo uDumi Mkokstad, Nomini Nyawose, MC Phumulani Nkwanyana, nabanye.

I-Gospel Praise Fest ithembisa usuku olungasoze lwalibaleka olugcwele ukukhonza okunamandla, imidlalo eyakhayo, nomoya ojabulisayo lapho imindeni nabangani bebubuthene khona ngomoya wokuzwana. Amathikithi atholakala ezitolo zakwa-Pick n Pay, kwa-Boxer, nase-Webtickets ezweni lonke.