U-CYNTHIA Dumakude obheke phesheya ukumela elakuleli kukaMiss Transcontinental
Image: Sithunyelwe
ISIKHULU sezokumaketha ehhotela iWild Coast Sun siyomela elakuleli emncintiswaneni womhlaba kaMrs Bold.
UNksz Cynthia Dumakude odabuka eMafakantini, eMgungundlovu, uveze ikhono elingalindelekile wazithola esedla umhlanganiso kaMrs Bold 2024. Lona ngumncintiswano oqhakambisa abesifazane abanemindeni, ababambe iqhaza elibalulekile ekuthuthukiseni imiphakathi abaphila kuyo.
Ngokusho kwakhe, ukuba yingxenye yalo mncintiswano kumsize kakhulu yena siqu sakhe, nasemsebenzini wakhe imbala.
"Ngokwami, kukhulise ukuzethemba, kwandisa inkolelo yami yokusebenza ngenhloso yokuzuza okukhulu. Ukwenza imisebenzi ebesibekelwe yona kulo mncintiswano kungiqinisile kakhulu. Kubuye kwangenza ngakwazi ukulawula indlela engisebenza ngayo futhi kwaqinisa ukuzinikela kwami ekusebenzeleni umphakathi. Ngokomsebenzi, kwandise isibalo sabantu engixhumana nabo abenza imisebenzi emangalisayo futhi kwangifundisa izifundo ezibalulekile ngobuholi nokukhuluma esidlangalaleni, nokuyizinto esengibambelele kuzo ngokuziqhenya emsebenzini.
"NjengoMrs Bold 2024, inhloso yami enkulu ukusebenzisa le nkundla ukuze ngidale futhi ngiqhubeke nezinhlelo ezinomthelela, ikakhulukazi emikhakheni yokuthuthukiswa kwabesifazane, ukuqeqeshwa kwentsha nokuthuthukiswa komphakathi. Ngifisa ukusebenzisana eduze nezinhlangano zendawo, ngiqhakambise amaphrojekthi akhuthaza imfundo nokuphila kahle futhi ngikhuthaze abanye ukuthi bahole ngesibindi nangozwelo. Umsebenzi wami ukushiya umthelela ongapheli futhi ngikhuthaze abanye besifazane ukuthi bamukele amandla abo futhi balandele amaphupho abo ngesibindi," kusho yena.
Ngokuphumelela kwakhe ngonyaka odlule, uzojoyina ozakwabo abawina kwamanye amazwe e-USA lapho bazobamba khona iqhaza kowe-Transcontinental Pageant. Lokhu kuzokwenzeka ngesonto elizayo kusukela ngomhla ka-13 kuya ku-19.
Ukulungiselela lo mncintiswano, okaDumakude bekudingeka enze imisebenzi yokuthuthukisa umphakathi, nansi imisebenzi ayenzile.
Ukuxhasa le ntokazi kulolu hambo, abantu abadingi ukuvota kodwa kudingeka umnikelo ozokwenziwa ngaphansi kwegama lakhe ngokulandela le-link https://go.rallyup.com/tcpuniverse-thepledgecampaign/m/cynthia
UCynthia ubheke ukubuya nendodo emncintiswaneni kazime owenza imisebenzi emihle yomphakathi
Image: Sithunyelwe
UYAQHUBEKA nokwenza imisebenzi eyahlukene yokuthuthukisa imiphakathi uCynthia Dumakude oyisikhulu sezokumaketha eWild Coast Sun
Image: Sithunyelwe