Kwethulwe iNu Metro elungiswe kabusha eGateway
Image: Sithunyelwe
NgoLwesine ekuseni, abezindaba bamenywe enxanxatheleni yezitolo iGateway ukuzibonela ngawabo kwethulwa i-NuMetro Theaters eyakhiwe kabusha.
Yize izoqala ukusebenza ngokusemthethweni ngoLwesihlanu, 3 Okthoba, ukwethulwa kwayo kwabezindaba kunikeze izintatheli ithuba lokuzibonela ngo-si izinguquko ezisezingeni eliphezulu ezenziwe kule ndawo ethandwa kakhulu abantu abasha, izithandani kanye nemindeni.
INu Metro namasinema asezingeni eliphezulu ayisishiyagalolunye, okuhlanganisa nale okungeyokuqala ukuba ne-ScreenX — ifomethi yepanoramic engu-270-degree eguquguqukayo ezungezile indawo, ezindongeni ezintathu, okudala umuzwa ohlukile kwababuka imidlalo ehlukahlukene.
Omuntuza bangathokozela i-4DX, i-Scene Xtreme, ne-Kidz Cinema, okuyindawo yabo bodwa yekhethelo. Lokhu kwenza kube lula ukuhlelela ukuvakashela amasinema nokukhetha izithombe ezihambisana nawo wonke umuntu zibukelwe endaweni efanelekile.
ScreenX
Image: Sithunyelwe
Ziningi izinguquko ezenziwe abeNuMetro eGateway
Image: Sithunyelwe
UBeverley Govender, oyiSenior Marketing Manager eNuMetro, uzwakalise injabulo yakhe ngokwethulwa kwale ndawo eyakhiwe kabusha.
"Siziqhenya ngendlela emangalisayo ngokwethulwa kwale ndawo esilungiswe kabusha. I-Nu Metro Gateway ingaphezu nje kwe-cinema - iwumbukiso ophelele wokukhula komsebenzi wethu sibonisa izinga elithe xaxa lokuzinikela kwethu ekuqinisekiseni injabulo yafuthi kubo bonke abasivakashelayo. Le ndawo ibonisa ngokusobala ubuhle esiguqukela kubona nesethemba ukuthi kuyisendlalelo esisha kwabazohambisana nathi kolo msebenzi."
Ukubungaza lesi siqalo esisha, iNuMetro izosingatha imiqhudelwano ekhethekile, imiklomelo yamathikithi e-VIP, kanye nobusuku obukhethekile bobukhazikhazi kubanikazi bamabhizinisi ukuze baxhumane kahle nomphakathi.
Abatheng bangalindela nokuthi baklonyeliswe ngokuthembeka kwabo ngezipesheli ezikhethekile ezibekelwe abathile. Kukhona namaphakheji afanele imindeni ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ujabula ngokwanele uma bevakashele kule ndawo.
Abathandi bama-movie bazoyithokozela lendawo entsha yokungcebeleka eGateway
Image: Sithunyelwe
Izibiliboco kwethulwa iNuMetro eGateway
Image: Sithunyelwe