Ezokuvakasha

ISilo sisivezela ubuhle bama-golf estate aseDolphin Coast

Nonkululeko Nhlapo|Published

ISILO uMusuzulu sichithe usuku lokuzalwa ngomdlalo wegalofu eSimbithi Eco Estate, eBallito.

Image: Doctor Ngcobo

KULO nyaka iSilo sichithe usuku lokuzalwa nondlunkulu omusha uSihle Mdluli

Image: Doctor Ngcobo

OSOMABHIZINISI abahlukene bothe iSilo ngosuku lwaso lokuzalwa kudlalwa igalofu eSimbithi Eco Estate

Image: Doctor Ngcobo

INGONYAMA kaZulu uMisuzulu kaZwelithini yayaziwa ngokuba namandla nejubane njengomdlali wasesiswini webhola lombhoxo, isiphendukele emdlalweni wegalofu. Leli thalente elisha libonakale ngesikhathi igubha iminyaka engu-50 ngomhla ka-23 Septhemba 2024, eMhlali Country Club, eBallito, enyakatho yeTheku. ISilo esake sahola iqembu laso lombhoxo eNew Zealand ngo-1994 sisafunda eSt Charles College eMgungundlovu, sijabulise abalandeli ngekhono laso egalofini.

Akulona ikhono legalofu eligqamayo ngalo mgubho weSilo, kodwa nendawo esidlalela kuyona iba yingxenye yomlando nohambo lwaso. Kule ngosi, sizobukeza ama-Golf Estate iSilo esiwasondeze emehlweni abantu ngesikhathi sithokozela usuku lokuzalwa.

Umhlali CC & Golf Estate yinkundla yegalofu edume kakhulu KwaZulu-Natal ngokwemizuliswano yegalofu edlalwa minyaka yonke. Le kilabhu yezemidlalo yaseNorth Coast ematasa,  ibhekela amalungu angu-1500. Umhlali uhlomule ngezindondo ezining okuhlanganisa neka-2025 i-John Collier Top Club Sustainability Award yaminyaka yonke ngokuhlonipha imvelo, isibopho emphakathini, kanye nokuphatha ngendlela efanele. Ngo-2023, uMhlali wawina omunye umklomelo i-CMSA Club of the Year, kwathi i-Best of Ballito Awards yawubiza ngokuthi yinkundla yegalofu ehamba phambili, ikilabhu yezemidlalo ehamba phambili kanye nekilabhu yabaqeqeshi endaweni yaseNorth Coast. Umbono wekilabhu uwukuba yindawo ekhethwayo yezemidlalo nokuzijabulisa oGwini oluseNyakatho, nokuhlinzeka ngekilabhu ethehao engaxabani nemvelo.

Kulo nyaka, yize iSilo sibuyele eBallito ukugubha usuku lokuzalwa,kasibuyelanga eMhlali, kodwa sigqamise enye indawo esezingeni, iSimbithi Eco Estate.

ISimbithi isike yakleliswa njengenkundla yegalofu eyingxenye yezinkundla ezingu-100 ezihamba phambili ezweni. Yakhiwe endaweni eseduze ne-Simbithi Eco-Estate, eyakhiwe kwiDolphin Coast. Iphakathi  kweBallito neShaka's Rock.

Inkundla yegalofu yakhiwe ngendlela ehlukile evumela abadlali ukuba bazilolonge kahle bahlole amakhono abo ngemigodi engu-13 esondelene, imigodi egqagqene emihlanu, emine esondelene kanye nengxenye eyodwa eqhelile). Amawa ale ndawo enza umuntu agxile ebuhleni beDolphin Coast, abuke amadamu amahle okuyiwona aheha izinhlobo eziningi zezinyoni ezijabulisa abadlalingobuhle bemvelo. 

 

UMHLALI Country Club

Image: Facebook

SIMBITHI Eco Estate and Golf Club

Image: Facebook