UNGQONGQOSHE wezokuVakasha uNkk Patricia De Lille ekhuluma emcimbini wokwethula inyanga yezokuvakasha (uSepthemba) obuseSakhumzi Zoo Lake, eGoli kuleli sonto
Image: SA TOURISM
UNGQONGQOSHE wezokuVakasha uNkk Patricia De Lillle useqhamuke nesu lakholwa wukuthi kungasiza ukuqhuba umbono woMnyango awuholayo wokuthi kuqhakambiseke izindawo zokuvakasha ezahlukene zakuleli zwe ikakhulu lezo ezinganakekile kakhulu.
UNkk De Lille ubekhuluma emcimbini obuseSakhumzi Zoo Lake, eGoli, ngoLwesithathu, onhloso yawo wukwethula ngokusemthethweni inyanga yezokuvakasha (uSepthemba), lapho edalule khona ukuthi izakhamuzi zakuleli zwe kumele zenze kube wumthwalo wazo ukugqamisa ubuhle bezindawo zokuvakasha ezweni ukuze zibonwe ngabanye abantu.
“Yingakho kulo mcimbi esizowenza ihlandla lika-45 nonyaka, siqhamuke nendikimba ethi Tourism and Suistainable Transformation, esizokhuthaza ngayo ukuthi kwenziwe izinto ngendlela ehlukile kunesikwejwayele, esikholwa wukuthi uma wonke umuntu ezibophezela ukubamba iqhaza kulokhu, kuningi okuhle esingakwenza ukuthuthukisa imboni yethu.
“Ngakho sinxusa abantu bezwe lethu ukuthi njengoba kuzoqala inyanga yezokuvakasha ezweni, bakhuthalele ukuhambela izindawo zabo ezahlukene zokuvakasha, kube yibona abazijabulelayo nabazimakethayo kuqala andukuba zibonwe futhi zithandwe ngabanye bakwamanye amazwe abafika bezojabula ezweni lethu elihle kangaka,” usho kanje.
Eqhuba, ukhuthaze nokuthi abantu balandele umkhankaso wabo othi Shot Left, nawo ongeminye yemizamo abayisebenzisayo ukuthuthukisa osomabhizinisi bakuleli zwe, njengoba ukhuthaza ukuthi uma umuntu evakashela indawo ethize, ahambe kube khona umkhiqizo awuthengayo njalo endleleni ukufukula osomabhizinisi ahlangana nabo.
“Umkhakha wethu uncike kakhulu ekutheni kwande abantu abavakashayo ezweni lethu njengoba ukucwaninga kwethu kusivezele ukuthi ebantwinini abawu-12 abavakashela izwe lethu, lokho kusiza ukwakha amathuba emisebenzi abantu ababili. Ngakho konke lokho uma kuqhubeka kuya phambili kuzosilekelela kakhulu ukwenza inzuzo, yingakho kumqoka ukuqhubeka sandise abantu abasivakashelayo ezweni, okuzoqala ngokuthi kube yithi esithanda nesivakashela izindawo zethu ezahlukene,” kusho ungqongqoshe.
Udalule nokuthi phakathi kukaJanuwari noJuni wanonyaka babalelwa ku-4.9 million abantu bakwamanye amazwe asebevakashele izindawo zokuvakasha ezahlukene kuleli zwe, okusho ukuthi kukhona okuhle abakwenzayo beyizwe ukumaketha izindawo zokuvakasha.
Uthe ngonyaka odlule umkhakha wezokuvakasha wakhe amathuba emisebenzi awu-1.8 million, okubanika ithemba lokuthi kuningi okunye okuhle okwedlula lokho okusengenzeka uma kubanjiswana kubhekwe phambili.