UNGQONGQOSHE wezokuVakasha uNkk Patricia De Lille, esemcimbini wokwethula inyanga yezokuvakasha (uSepthemba), obuseSakhumzi Zoo Lake, eGoli ngoLwesithathu
Image: SA TOURISM
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuVakasha uNkk Patricia De Lille usephosele intsha yakuleli zwe inselelo yokuthi iqhamuke namasu nezindlela okusha kokuzolekelela ukuqhuba umbono wabo wokuthi kufukeleke futhi kumakatheke imboni yezokuvakasha kwamanye amazwe.
Usho njalo ekhuluma emcimbini wokwethula inyanga yezokuvakasha (uSepthemba) obuseSakhumzi Zoo Lake, eGol ngoLwesithathu, lapho okugqugquzelwe khona abantu bakuleli zwe ukukhuthalela ukuvakashela izindawo ezahlukene zokuvakasha ikakhulu ezinganakekile ezweni ukuze ziqhakambiseke futhi zidobe iso labavakashi bakwamanye amazwe omhlaba.
“Sidinga abantu abasha abasanemiqondo ecabanga kangcono nekhaliphile kunathi okuzosiza ukuthi kuguquke indlela esenza izinto ngayo embonini yethu, kudede abantu abangafuni ukuthi imboni yethu iphucuke futhi ithuthuke ngendlela yokwenza ehlukile yesimanje,” usho kanje.
Uthe kusukela manje kubhekwe phambili bazibophezele ukuthi bengagcini ngokukhuluma nje kuphela, kepha kukho konke okubekwa etafuleni njengezinto ezingasiza kuyiwe phambili - bafuna ukuthi kwenziwe kunjengoba kunjalo ukuze kuthuthuke le mboni yezokuvakasha.
“Okunye okumele silwisane nakho wukuthi siqede nya ngalo mbono wokucabanga ukuthi izwe lethu ligabe ngezindawo zezokuvakasha eziqhakambisa ezemvelo nezilwane nje kuphela. Kuningi kakhulu okunye okuhle ngezwe lethu okudinga ukuthi kuqhakambiseke ngendlela efanele nelinganayo nokwezinye izindawo esezizakhele ugazi nedumela kubavakashi, okudinga ukuthi sikugqamise ngokuzivakashela futhi sikhulume ngazo konke lapho esihamba khona ukuze kuzokwanda abantu abazithandayo nabakhuluma ngazo,” kunxuxa ungqongqoshe.
Udalule nokuthi ingqikithi yabo yakulo nyaka ithi Tourism and Sustainable Transformation, okusho ukuthi kuzobekwa eqhulwini imboni yezokuvakasha, bese futhi kuqhanyukwa namasu amasha okuguqula indlela okwenziwa izinto ngayo kule mboni ukuze ithuthuke.