Abaqwali bezintaba bakuthakasela kakhulu ukugudla umfula uthukela baze bafike ezansi empophomeni
Image: Facebook/Southern Drankensburg
IBERGVILLE yidolobha elihle elitholakala ezansi kwezintaba zoKhahlamba, empeleni, le ndawo ithathwa njengesango elifukafa enyakatho yoKhahlamba ku-Route 74 futhi ihlezi kahle phakathi kweGoli neTheku.
IBergville iyidolobha elinokuthula elilungele labo abafisa ukubalekela impilo ephithizelayo yasedolobheni. Indawo okuwukuphela kwayo esaphila yaseBrithani KwaZulu Natal itholakala emagcekeni enkantolo yendawo njengetshe lesikhumbuzo kanye nemnyuziyamu.
Empeleni idolobha lezolimo, futhi isabambe usiko lokuthengiswa kwezinkomo zasendaweni ngoLwesihlanu lwesithathu zinyanga zonke.
IBergville igqize ngobuhle bemvelo ngomfula uThukela, okuwumfula omkhulu KwaZulu-Natal, ucwila phezu kweziMpophoma zoThukela ngaphambi kokuba ujike usuka ezintabeni zoKhahlamba eziwubukhazikhazi wehle uze uyofika e-Indian Ocean.
Emthonjeni walo uThukela luqophe umhosha omuhle ongabukwa ngezansi ngokuqwala intaba ugudla kuwo umfula uThukela. Impophoma yalo mfula ingeyesibili ngobukhulu lilandela impophoma i-Angel eVenezuela, futhi ephakeme kunazo zonke ezwenikazi lase-Afrika, iTugela Waterfall igingqika ngamamitha angu-948 phezu konqenqema lwezintaba zoKhahlamba, ochungechungeni lwezimpophoma ezinqamula iTugela Gorge kanye nesigodi esingezansi zilibangise e-Indian Ocean ibanga elingu-502km.
Ikhaya lempophoma, ezintabeni uKhahlahamba-Drakensberg, iNdawo Yamagugu Omhlaba enikeza izivakashi ithuba elihle lokuqwala izintaba, ukukhempa, i-kayaking, i-paragliding neminye imidlalo eminingi.
Ubuhle bezintaba zoKhahlamba yikona okuheha izinkulungwane zezivakashi edolobheni laseBergville
Image: Facebook/Southern Drakensburg
Umfula uThukela yiwona mfula omkhulu kunayo yonke KwaZulu-Natal kanti abantu abavakasha eBergville basuke bethakasele ukuzibonela ngawabo impophoma yoThukela engenkulu kunazo zonke ezwenikazi i-Afrika
Image: Facebook/Southern Drakensburg
Osaziwayo baseBergville uSiyabonga Nene noJabulani Hadebe ngabaculi abathandwa kakhulu kuleli nasemhlabeni wonkana abazigqajayo ngemvelaphi yabo
Image: X