ITHIMBA laseCity Lodge ese-OR Tambo International Airport ligobe amadlangala usuku lonke eDzulani Children’s Care Centre e-Vosloorus
Image: SITHUNYELWE
LINIKELE ngezipho ekhaya lezingane ithimba leCity Lodge Hotel ese-OR Tambo International Airport
Image: SITHUNYELWE
ITHIMBA elihlanganisa amahhotela amane aseGqeberha, liqome ukukhucululwa ukungcola olwandle
Image: SITHUNYELWE
BEKUKUHLE kudelile ekhaya lezingane elisha iNew Jerusalem eMidrand, bevakashelwe yithimba lamahhotela amathathu aseWaterfall
Image: SITHUNYELWE
UKUHLONIPHA ifa likaNelson Mandela lokupha nokuphakamisa umphakathi, iCity Lodge Hotels igubhe uSuku lukaMandela ngoJulayi 18, ngochungechunge lwezinhlelo kuwo wonke amahhotela ayo.
Lapha, sigqamisa izinto ezimbalwa nje ezenzekile:
Ithimba lase-City Lodge Hotel Johannesburg Airport ku-Barbara Road, lichithe usuku eDzulani Children’s Care Centre e-Vosloorus, lapho livuselele futhi lalungisa khona izakhiwo. Lesi sikhungo siyikhaya lezingane ezingu-30, ezineminyaka esukela kwemi-2 kuya kweyi-18 futhi sinikeza indawo ebalulekile yokuphepha nokunakekela. Ithimba lasiza ekwakheni indawo enhle nebukekayo yezingane nabasebenzi abazinakekelayo.
ICity Lodge Hotel OR Tambo International Airport inikele ngokudla, amathawula, nensipho ekhaya lezingane laseJohannesburg, njengengxenye yokutshala ithemba ekusaseni lezwe nentsha.
Amahhotela amathathu (i-Courtyard Hotel, i-City Lodge Hotel ne-Town Lodge) e-Waterfall City, enyakatho yeGoli, abambisane ukuze anikeze ukudla okumnandi nezibiliboco kubaholi bakusasa abayi-160 kanye nethimba lekhaya lezingane elisha i-New Jerusalem eMidrand. Baklonyeliswe ngokwamukelwa ngemfudumalo, umculo omnandi wokubonga evela kwabancane.
EGqeberha, iqoqo lamahhotela i-Courtyard, i-City Lodge Hotel, i-Town Lodge kanye ne-Road Lodge, abambe iqhaza kumaphrojekthi amabili amakhulu kule ndawo. Abasebenzi bajoyine i-4th Annual Madiba Day Beach Clean-up e-Summerstrand, basebenze bebambisene namalungu omphakathi ukusiza ukulondoloza ubuhle bemvelo bendawo.
Abanye bavolontiye endaweni enakekela izintandane ephethwe yi-Uviwe Child and Youth Services (okwakuyi-Childline), ngokubambisana neBay FM. Bebehlinzeka ngesobho elinempilo nelimnandi ngesikhathi ithimba le-Bay FM lifundela izingane izindaba. Kube nezingxoxo ezakhayo eziqhakambisa ukubaluleka kokubambisana ekudaleni ushintsho lwangempela noluhlala njalo.
ICity Lodge Hotel uMhlanga Ridge ivakashele ekhaya lezingane lika-Edith Benson, kwamnandi kwanjeyaya kudluwa izibiliboco nezingane. Ithimba laseTown Lodge Umhlanga lichithe usuku lukaMandela liphethe umjaho i-Amazing Race ngokubambisana nabeReach For A Dream Foundation. Ndawonye, bebekhuthaza abantu futhi kunezinhlelo ezihlose ukutshala imbewu yenjabulo yafuthi ezinganeni.
“USuku lukaMandela luyisikhumbuzo esinamandla somthwalo wethu sonke wokweseka imiphakathi esizungezile,” kusho uLindiwe Sangweni-Siddo, oyiChief Operating Officer, eCity Lodge Hotels. "Siyaziqhenya ngamathimba ethu akhethe ukusebenzela nokuthuthukisa abanye ngokunikela ngesikhathi sabo uqobo nangezipho ezisuka enhliziyweni. Njengethimba, sisazibophezele ezenzweni ezinhle ngosuku lukaMandela, sisebenza unyaka wonke ukuze sibe nomthelela omuhle emiphakathini nasezindaweni zemvelo lapho sinamahhotela khona."