IWILD Coast Sun ithathwa njengomakhonya wezindawo zokuvakasha ePort Edward
Image: Sithunyelwe
INDAWO yezokuvakasha iWild Coast Sun ithathwa njengehamba phambili ngokunikeza izivakashi ubumnandi obufanele wonke amalungu omndeni ngenxa yezinto ezihlukahlukene ezitholakala khona.
Leli hhotela elingaphansi kwesikhondlakhondla iSun International lihleli emhlabeni ogudla ulwandle iBlue Flag emhlabeni ongamahektha angu-750, likunika isiqiniseko sobumnandi nenjabulo engenamkhawulo.
Abantu abadala bangasithokozela isikhathi sokuzama inhlanhla e-casino njengoba kunemishini eminingi eyahlukene nethandwa kakhulu njenge-roulette, blackjack neminye. Lapha kukhona iSalon Privé okuyiyona yodwa i-casino ngaphansi kwe-Sun International ebheke olwandle, futhi ihlukaniswe kabili njengoba kukhona indawo yamaxhwele nalabo abangabhemi ukuqinisekisa ukuthi ukhululeka ngokwanele ngesikhathi usazama inhlanhla. Uthi uhleli lapha kube kuzungeza oweta neziphuzo ezimnandi zokuqeda ukoma.
Abathanda ezemidlalo, bangathokozela i-18-hole Wild Coast Sun Golf Course eyakhiwe kahle otshanini obuhlezi bunakekelwa igudla emagqumeni, emifuleni nasempophomeni uze ufike emgodini wokugcina obhekene ngqo ne-Indian Ocean. Sikhona nesikhungo sezemidlalo lapho ningahlanganyela ndawonye nidlale iTennis, noma nizivocavoce ejimini.
Kwabathanda amanzi, nabomuntuza abathanda ukudlala, bazobhema bakholwe njengoba kukhona neWaterpark yokuzijabulisa.
I-AquaPlay igcina intsha inakekelwe ngokuphephile amahora amaningi, kuyilapho wonke umndeni ungajabulela imidlalo efana ne-Segway, i-quad bike kanye nokuhamba ngamabhayisikili. Ukuzijabulisa kwasendlini kwezingane kwenziwa yiMagic Company ne-Cosmic Bowling e-Aloha Village, kanye ne-Skypark esanda kufakwa futhi okuyiyona yokuqala eNingizimi Afrika eyenziwe yaba ngaphakathi kwesakhiwo. Kukhona nemidlalo eyenzelwe umndeni wonke lapho uhlanganyela ndawonye ukuxazulula izinkinga Nge-Breakout, nomdlalo kamacashelana. Kukhona nenkulisa eqapha odado uma abazali befuna ukushaywa wumoya bapholisa ikhanda.
Umndeni wonke uzojabulela ukushukumisa igazi ngemidlalo edinga isibindi nogqozi eWild Waves Water Park eziqhayisa ngemidlalo yekhethelo yama-slides amakhulu okushushuluza uphoseke emanzini. Kodwa-ke uma uyigwala, ungavele uphole ngesikebhe esincane sasemfuleni i-Lazy River ubuka osbindi gidi benza okwabo okubathokozisayo kuma-slides.
Kukhona nezinhlobonhlobo zezindawo ongathola kuzo ukudla okumnandi i-Maltos, i-Barcelos, i-Panarotti's ne-Spur, noma uzitike esidlweni esingemuva kwe-Indian Ocean ezindaweni zokungcebeleka kanye nezindawo zokudlela ezihlukene ezifana ne-Calyssco.
Uma senishiye odado enkulisa, ungahamba nesithandwa sakho niyongcebeleka nibhucwabhucwe umzimba eMangwanani Spa. Lapha uzikhethela wena ngokwephakethe lakho ukuthi ufisa bakubhucabhuce umzimba wonke, umhlane nekhanda kuphela noma imilenze. Okuhle wukuthi kukhona ne-Legends Barbershop, ukuze uthole ithuba lokugunda izinwele nokwehlisa intshebe ungalindi ukubuyela ekhaya.
Ubumnandi abukho ehhotela kuphela ngoba nezindawo ezakhele leli hhotela zinobumnandi bazo okufanele nakanjani ungabuyeli ekhaya ungabuzwanga. Ungaphatha izinsiza zakho zokudoba, uthole isidlo sakusihlwa esimnandi ozitholele sona ngokwakho. Kokunye ungakhetha imidlalo yasemanzini eyahlukene njene-scuba diving, uhambo lwamahhashi lwasolwandle, ukuqwala izintaba, noma uthungathe izinsalela ezindala zomkhumbi ogwini. Emfuleni uMtamvuna, kwenziwa i-Riverside Aqua Sports kukhona ne-Beach Bar lapho ungakhetha khona okuhle kwemidlalo yasemanzini nemisebenzi yasemfuleni efana ne-kayaking, izikebhe ezihamba ngesivinini esikhulu, izikebhe ezigwedlwayo, ukugibela amashubhu, ukushwiba emanzini kanye ne-lazy boat cruise. Thatha uhambo ogwini lolwandle phakathi kwe-Wild Coast Sun nomfula uMzamba ubone, imvelo emele i-Petrified yasendulo yasehlathini lasolwandle. Isikhathi se-Cretaceous eminyakeni engaba yizigidi ezingu-85 edlule. Kokunye ungahlola ubuhle be-Wild Coast Sun ushova ibhayisikili elinamasondo amane uzungeze yonke indawo.
JaABULISA izingane ngaphambi kokuvulwa kwezikole ngesikhathi esimnandi eWild Coast Sun
Image: Sithunyelwe
JABULELA isikhathi esihle sokuphumula ubhucwabhucwaa eMangwanani Spa
Image: Sithunyelwe
FUNDA ukugibela ihhashi uthathe uhambo olukubonisa ubuhle bePort Edward ugudla ulwandle
Image: Sithunyelwe