Ezokungcebeleka Umculo

Impi yamazwi kubangwa owaqala umculo we-3 Step

Simangaliso Ntshangase|Published

PRINCE KAYBEE

Image: FACEBOOK

ZICHAPHANE ngezinhlamba izihlabani zophrojusa bakuleli zwe kubangwa ukuthi wubani owaqala uhlobo lomculo obizwa ngokuthi yi-3 Step; oshaya ngesigqi se-house, esixutshwe nezinsimbi zama-piano, oningi lazo zigaba ngamaphimbo amtoti kwabacula kuzona.

Amaciko aqale le ngxabano kuFacebook kuleli sonto ngoMkhululi Siqula owaziwa ngelikaHeavy K, uKabelo Motsamai odume ngelikaPrince Kaybee noNkazimulo Ngema owaziwa ngelika-TNS emculweni.

Lolu hlobo lomculo lusematheni kakhulu kulezi zinsuku njengoba lulokhu ludlondlobale njalo ikakhulu selokhu kuqale lo nyaka njengoba izingoma eziningi ezilalelwa nezidlalwa kakhulu emicimbini nasemisakazweni kungezishaya ngalesi sigqi ezenziwe woJazzworx, Thukuthela, Ciza, noDlala Thukzin - naye okuke kwasabalala ukuthi lwaqalwa wuyena lolu hlobo lomculo.

DLALA THUKZIN

Image: FACEBOOK

Nokho isisusa somsindo wala maciko sidalwe wumbhalo kaVivo Da Core kuFacebook, lapho enameke khona isithombe se-albhamu kaPrince Kaybee yango-2021 esihloko sithi The 4th Republic, ephawula khona ukuthi ubona abantu bebanga umsindo ngalolu hlobo lomculo, kepha yena ngokwakhe wazi ukuthi lwaqalwa wuPrince Kaybee.

HEAVY-K

Image: FACEBOOK

UPrince Kaybee wodumo lwengoma ethi Charlotte, ube esesabalalisa lowo mbhalo, wabhala ukuthi: “Abaphikisane abafuna ukuphikisana, kodwa bayazi ukuthi wubani ubaba wabo” - abeqonde ngakho ukuthi wuyena owaqala lolu hlobo lomculo.

Kusuke lapho, uHeavy K naye wabhala owakhe umbhalo, ephawula embhalweni kaPrince Kaybee wathi: “Kanjani manje Kabelo ngoba yimina owakukhuthaza ukuthi ungene emculweni usafika ngaleso sikhathi usenze nemiyeko ekhanda?”

TNS

Image: FACEBOOK

Iqhubekile le ngxababo yabo yamazwi yaze yangenwa wu-TNS, naye onikele ekhasini lakhe leFacebook, wabhala ukuthi uPrince Kaybee noHeavy K basenga ezimithiyo uma bethi yibona abaqala lo mculo, ngoba yena ngokwazi kwakhe woDlala Thukzin, uThakzin noMorda Bongz wodumo lakwiBlack Motion abachumisa lo mculo endimeni.

OHeavy K bakhwele badilika kuTNS ngokwehlukana, benanela kulo mbhalo wakhe. UHeavy K uthe ku-TNS: “Ngifisa ngabe abantu bakini bangakuthakatha kuphele nya ngawe, kuphele naleyo ngcosana esele kuwena. Nguwena lona okhulumayo kubona bonke abantu abakhona? Yebo oThakzin noDlala Thukzin wontanga bakho impela, kepha wena awungeni kule ngxoxo.”

“Wena sf**e nekhanda elikhulu naka ontanga yakho. Kumanje wehla wenyuka koMnambithi, ekubeni ezinye izingane zimatasa zisebenza emazweni omhlaba,” kusho uPrince Kaybee kuTNS.