Akakholwa wukuthi usecula phambili kwiFreshlyground

Fanelesibonge Bengu|Published

IQEMBU iFreshlyground osekucula phambili kulo uMbali Makhoba

Image: Sithunyelwe

NAMANJE sengathi kungaba khona ozomncinza ukuze abone ukuthi akaphuphi uMbali Makhoba ngokuthi sekuwuye osecula phambili eqenjini iFreshlyground enomlando weminyaka yasungulwa.

UMbali odabuka eHout Bay, eKapa, uvale isikhala esavuleka ngesikhathi kushiya uZolani Mohola ngo-2019.

UZolani washiya wacula ngokuzimela. Nonyaka uyena owayecula iculo lesizwe kwiHollywoodbets Durban July, eGreyville Racecourse, eThekwini.

UMbali uthe kuyamangalisa ukuthi uyena osecula phambili.

“Yimina osecula phambili kwiFreshlyground. Akusona isimangaliso leso, mina pho?” kusho yena.

Ubekhuluma kwi-video yeqembu lapho belichaza khona ngokuhamba kukaZolani nokufika kukaMbali.

Amalungu alo abekhuluma ngokwehlukana athe acula ndawonye ngokuhlanganyela noZolani eKirstenbosch, eKapa, ngo-2019.

“Ugila izimanga futhi simfisela okuhle kodwa,” kusho ilungu leqembu.

Elinye lithe bazama abaculi abaningi befuna bajoyine kodwa kwangahamba kahle kwaze kwafika uMbali.

“Engena sezwa ukuthi yisiqalo sento enhle. Unethalente eliyisimanga. Uwumculi onekhono futhi uyabhala. Ukhombisa ukuthi lingakanani ithalente eNingizimu Afrika.”

Ngenyanga edlule iFreshlyground ikhiphe ingoma entsha ethi Jabula.

UMbali uthe ejoyina yonke into ivele yahamba kahle wangezwa ukuthi kunomuntu angena esikhaleni sakhe.

Uqhube wathi akuzwakalanga sengathi kumele abe wumuntu angeyena.