UProfessor usethubeni lomlando ngokuhlukanisa unyaka

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI we-kwaito uProfessor ushisa izikhotha ngengoma entsha i-Order ayishaya ngokuhlanganyela noLarny

Image: Sithunyelwe

UMCULI we-kwaito uProfessor usethubeni lokuzifaka emlandweni ngokuhlukanisa unyaka amahlandla amane ngoDisemba 31 emsakazweni uKhozi FM.

UProfessor ufakwe emncintiswaneni ngengoma yakhe ethi Order ayishaya ngokuhlanganyela noLarny.

Uma enqoba uyolandela ezinyathelweni zeBig NUZ esihlukanise kane kule minyaka engu-30 kusuka ngo-1995.

IBig Nuz yahlukanisa ngoMlilo ngo-2009, iSerious ngo-2011 kwathi ngo-2012 yanqoba ngeSummertime eyayipikwe kuyo uDJ Tira ngaphambi kokuwuphinda futhi ngeNgeke ngo-2022.

UProfessor yena ngakolunye uhlangothi, wadla umhlanganiso ngeJezebel ngo-2010, walandela ngeY-Tjukutja ayepikwe kuyo yi-Uhuru ngo-2013 wagcina ngo-2015 ngeKOTW Anthem (Ngicishe Ngafa) ayepikwe kuyo uSphectacula noDJ Naves.

Ekhuluma neSolezwe, uProfessor uthe kumjabulisa kakhulu ukuthi ingoma yakhe ibalwa nezingu-10 abantu abazokhetha kuzo.

"Sithokozela ukuba kwezidla ubhedu ngoba uma usulapha kusho ukuthi konke sekulele ezandleni zabantu. Bengikufisa ukuba kulaba abasohlwini ngoba kuba buhlungu uma abantu bengawuzwa umsebenzi wakho. Ngokuba lapha kusho ukuthi basazoyizwa kakhulu ingoma," kusho uProfessor odabuka eMlaza kodwa osezinze eGoli.

Uthe noma ingaphumelelanga ingoma yakhe kodwa akakholwa wukuthi lokho kuzobe sekusho ukuthi iyabheda.

"Mina ngibonga umusa kaNkulunkulu ngesipho angiphe sona walula isandla sakhe ukuze kukhanye kimi. Ngabe nginamanga uma ngingakutshela ukuthi yini eyenza abantu bangithande kangaka kuyo yonke le minyaka. Kusho lukhulu ukuthandwa abantu bangaphezi, ikakhulukazi abaseNingizimu Afrika," kuchaza yena.

Uthe ukuba sembangweni wengoma ehlukanisa unyaka kumnike umfutho wokuthi angene e-studiyo apheke i-albhamu yakhe entsha.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi kune-albhamu ezayo. Ngala maholidi nje ngizobe ngise-studiyo ngoba abantu bakhombisile ukuthi bayangithanda futhi banginikeze umdlandla."

Uthe usazozwa ngenkampani asesebenza nayo iGallo ukuthi izophuma nini kodwa ufisa ukuthi kube sekoteni lokuqala ku-2026.