Umculi we-Afro fusion uSiphokazi uzonandisa kwiDurban Jazz Festival ezoba seMgababa Coastal Resort ngoDisemba 26
Image: Instagram
ITHUTHELA eningizimu yeTheku eMgababa iDurban Jazz Festival ezakhele udumo ngokuba seHazelmere Dam ngoDisemba 26.
Umcimbi uzobe ugubha iminyaka engu-22 nonyaka selokhu wasungulwa njengoba ngonyaka odlule wahoxiswa ngemizuzu yokugcina.
Umhleli wawo uMdu Ngcobo uthe bathuthela eMgababa Coastal Resort ngosuku abaziwa ngalo uDisemba 26.
"Inkinga idamu esasenzela kulona lagcwaliswa amanzi kuhamba izikebhe manje. Sizamile ukuya e-ICC sabona ukuthi abantu abayithandi kahle, sithi sicabangela bona ngenxa yemvula eyase isixakile. Kule minyaka emibili ngaphambi kokuya e-ICC lalina usuku lonke. Kuqala lalina ebusuku abantu bengenankinga," kusho uMdu.
Uthe bazame ukwenza njengeminye imicimbi emikhulu ye-jazz iCape Town International Jazz Festival neStandard Bank Joy of Jazz ngokuthi bayisingathe endaweni evalekile kodwa abathandi bayo bakhombisa ukungakuthakaseli lokho.
Ebuzwa ukuthi akubafikelanga yini ukuyisa ePeople's Park lapho abake bayenzela khona, uthe: "Sifuna abantu bezwe into entsha ngoba yonke imicimbi emikhulu eThekwini yenzelwa ePeople's Park."
Uthe eMgababa Coastal Resort kunezindawo zokulala, kudlalwa izithuthuthu ezinamasondo amane futhi izethameli zizokosa zibuka ulwandle.
"Kunendawo enkulu yokupaka ngaphakathi futhi kukhona enye esiyihlelile ephephile abantu abazoshiya kuyo izimoto bese bethuthwa. Engingakusho ukuthi abantu kumele basheshe bawathole amathikithi ngoba indawo ayikho nkulu njengabayijwayele. Uma beyithandile sizobuyela kuyona noma sibheke enye ehlukile ngonyaka ozayo," kuchaza uMdu.
Uthe kuzobe kunandisa uZamajobe, Siphokazi, umaskanda uMafikizolo ozocula bukhoma nabanye abasazomenyezelwa.
Uthe banesaphulelo entengweni yamathikithi ngoLwesihlanu lapho ele-general lizobiza khona u-R195. Ngemuva kwalokho azobe eseqala ku-R300 eWebticket.