Uzifake ebantwini ngengoma eqinisa abathandana beqhelelene

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI we-Afro tech ne-3-Step, u-Okwanda, osematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe ethi Phatha-Phatha

Image: SITHUNYELWE

UMCULI waseMadwaleni, eNquthu, u-Okwanda ukholwa wukuthi ukuqala abheke ukuthi yini ezokhulumisa nezothinta abantu abaningi, ngenye yezinto ezenze kwalula ukungenisa kwakhe ngomculo kwezobuciko.

U-Okwanda (21), ogama lakhe lokuzalwa wuNokwanda Zulu, usho njalo engxoxweni neSolezwe malungana nengoma yakhe yokuqala engenye yezihamba phambili ngokulalelwa kulezi zinsuku ethi Phatha-Phatha. Uyishaya noSir Trill, Weirdo2265 noBongi SA.

Uthe inhloso yakhe ngale ngoma esilalelwe ngabantu abangaphezu kwa-500 000 inamasonto amabili iphumile kwiYouTube, wukuthi aduduze futhi amise isibindi abantu abathandana nabantu abakude nabo ngenxa yezimo ezahlukene.

UMCULI we-Afro tech ne-3-Step, u-Okwanda osematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe ethi Phatha-Phatha

Image: SITHUNYELWE

"Yingoma eqondene nalaba bantu ngqo. Idlulisa umyalezo wokuthi nakuba izimo zempilo zenza ukuthi bengabonani njalo kepha bangakhohlwa wukuma esivumelwaneni sothando lwabo. Sithi abahlale beshisekela ukujabulisa uma sebeba ndawonye futhi," usho kanje.

Eqhuba, ubonge kakhulu umrepha uMusiholiQ wesitebele somculo iFirst Class Entertainment. Uthe uyena obambe iqhaza elikhulu ukuthi igama lakhe lazeke kalula nangokushesha kangaka emculweni njengoba esafika kule ndima yezobumnandi.

"Ngihlangane naye ezinkundleni zokuxhumana, walithanda kakhulu ikhono lami lokucula. Ungisizile ukuthi ngikhiphe le ngoma emva kokuthi ezwe futhi wabona iziqeshana zama-video ami ngicula emakhasini ami ezinkundla zokuxhumana. Wenze ukuthi izinto zisheshe wangisiza futhi ukuthola uSir Trill ukunandisa le ngoma ngoba vele ibisikhona kodwa ingelona leli zinga ephume isikulona manje. Usaqhubeka uyangichushisa ngokuningi komculo esitebeleni sakhe," kusho u-Okwanda.

Leli ciko lidalule nokuthi ngale kwePhatha-Phatha, liyaqhubeka futhi lipheka omunye umculo wesigqi se-3-Step ne-Afro tech elihlela ukuwudidiyela ecwecweni lalo lokuqala elihlela ukuthi liphume ngenyanga ezayo, uma kungabanga nazithiyo ezithile kulokho.