Umaskanda ukhala ngabahleli bemicimbi 'abagweva nemali'

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI kamaskandi, uSaliwa, ukhala ngabahleli bemicimbi abagweva nemali

Image: FACEBOOK/SALIWA SENTOMBI NDUNAKAZI

UMCULI kamaskandi ongomunye wabangaconsi phansi kule ndima, uSaliwa, usekhale ngabahleli bemicimbi eyahlukene ebasola ngokungalenzi iqiniso lokubakhokhela kahle nangesikhathi esifanele ngomsebenzi abasuke sebewenzile wokunandisa emicimbini yabo.

USaliwa usho njalo engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto esemcimbini iGcwalisa Spring Picnic, obuseHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini, ngempelasonto edlule, lapho abephelezele khona udadewabo naye ongumculi uNdoni, obezonandisa kuwona.

Leli ciko libonakale lenza into enhle yokuthi nakuba belingamenyiwe ukuzonandisa kulo mcimbi kepha langena e-steji ukuzokwesekwa udadewabo, labhikla ingoma naye ngenkathi enandisa ukusiza ukujabulisa abalandeli bomculo wabo.

Ebuzwa ngalesi senzo sakhe, uthe bengamaciko babhekene nenselelo enkulu yabahleli bemicimbi abagweva nemali yabo uma sebekumele bebakhokhele ngomsebenzi abawenzile.

"Yingakho ngibone kufanele ukuthi uma kukhona iciko elenza imicimbi emihle njengalona, okuzosisiza ukuthi sibeke isinkwa etafuleni emakhaya ethu, nami ngibe khona ukweseka lowo mbono yize bengingamenyiwe mina siqu sami ukunandisa kuwona. Kepha ngibone ukuthi kungaba yinto enhle ukuzokweseka udadewetu obemenyiwe kuwo," usho kanje.

Uthe amaciko amaningi, ikakhulu asendimeni kamaskandi, engamfakazela ukuthi kunenkinga enkulu yokuthi basebenza kanzima kepha kwesinye isikhathi bengawutholi umvuzo wokuzikhandla kwabo ngobuciko babo.

"Kuyenzeka uqashwe emicimbini eyinqwaba kepha ibe mbalwa kakhulu okhokhelwa imali yakho kuyona. Yingakho kungijabulisa ukubona amaciko esinawo endimeni, njengoba kwenza uKhuzani kanjena, esilekelela ukuziphilisa futhi siphilise nemindeni yethu ngoba kubuhlungu kabi ukuthi ususebenzile kepha lokho kufane neze leze," kusho uSaliwa.

Ucebise ozakwabo ukuthi baqaphele kakhulu lokho ngokuthi bengabe besaya emicimbini okusuke bengakakhokhelwa kuyona ingxenye yemali okusuke kuvunyelwane ukuthi bakhokhelwe yona ngomsebenzi wabo ukuze kugwemeke izinkinga ezinjena kubhekwe phambili.

USaliwa Ndunakazi ngowaKwesaKwaMthethwa, Empangeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Unama-albhamu omculo kamaskandi esingabala kuwona athi Imikhuba Yejongo neBashay' Indesheni ango-2020; ethi Zingishiyil' Eziy' Emhlangeni yango-2022, ethi Umfana Wezinkomo yango-2023, ethi Emabhukwini Amafa yanyakenye nadlisa ngayo kulo nyaka esihloko sithi Amalandi Amathathu.

Kuthintwa omunye wabahleli bemicimbu uMnuz Zazi Nxele ukuzwa umbono wakhe ngalolu daba, uthe into esemqoka kulokhu wukuthi iciko nomhleli womcimbi benze isivumelwano esibhalwe phansi sokuthi kuzosetshenzwa ngemibandela ethini."Lokho kusiza ukuthi kube khona ukuzibophezela kumhleli womcimbi ukuthi uzomkhokhela ngempela umculi noma iciko elithile, nokuthi nalo iciko lizibophezele ukuthi lizoba khona emcimbini ukuzonandisa kuwona, okusiza ukuthi kungabi lula ukuthi umuntu enze noma yikanjani noma engabe esakwenza akuthembisile," kusho uNxele.

Elanda uthe enye inkinga ebakhona wukuthi eminye imicimbi isuke ithembele kubaxhasi abasuke beyixhasile, okuyaye kufanele ukuthi isikhathi esiningi umcimbi wenzeke ngempumelelo kuqala andukuba bekunikeze imali abakuthembise yona."Lapho-ke kusuke kumele ukuthi ungathembisi isikhathi esiseduze kakhulu ukuthi uzokhokhela lelo ciko ngaso, ngoba kungenzeka kube nokubambezeleka okuthile," usho kanje.