Ingwazi yomculo wokholo uSipho 'Big Fish' Makhabane
Image: Sigciniwe
KUQALILE ukukhuluma ngohlu lwezingoma ezingu-20 ezimenyezelwe wuKhozi FM ukuthi abalaleli bakhethe kuzo abafuna ukuhlukanisa ngayo unyaka.
Isiteshi senze izinguquko endleleni ebesisebenza ngayo phambilini ekukhetheni izingoma ezihamba phambili.
Bekucelwa abalaleli ukuthi bathumele iziphakamiso, kucelwe abasakazi bese kubhekwa nezidlalwa emsakazweni.
Evela ohlwini lwabalaleli, olwabasakazi nolomshini ibikhethwa ukuthi ibe kwi-Top 10.
Kulokhu kodwa, isiteshi simemezele ezingu-20. Abalaleli sebecelwe ukuthi bakhethe kuzo iTop 10.
Umphathi wesiteshi, uLwazi Mthabela, utshele Isolezwe ngeledlul, ukuthi babheke izingoma ezihamba phambili ezinhlelweni zomculo njenge-Top 20 neChillas, babheka emshinini wabo wokudlala umculo iDira, base bemukela neziphakamiso zabasakazi ngaphambi kokuhambisa kubacwaningi mabhuku ukuthi babalekelele.
“Sithe sicela nisikhethele ezingu-20 ezihambe phambili ezingomeni eziphakanyiswe lapha, basibhekela ukuthi yonke into ihambe kahle lapho. Sibuyile sazobheka emishinini ukuthi ingoma idlalwe ngesikhathi esikaliwe yini, sabheka nokuthi idlale kangaki onyakeni ngoba nalokho kubalulekile, sase sibheka nokuthi ingoma idume kanjani ezinkundleni zokuxhumana, njalo njalo,” kusho uMthabela.
Nokho ohlwini olumenyezelwe kayikho neyodwa eyokholo yize uMthabela wathi kuvuleleke kuzona zonke izinhlobo zomculo inqobo uma ingoma kungeyaphakathi kukaJanuwari 1 nonyaka no-Okthoba 31.
Ngonyaka odlule, kwiTop 10 kwakukhona eka-Andile KaMajola ethi Liphakanyisiwe. U-Andile wayeshumayela ivangeli lokuthi sekuyisikhathi sokuthi umculo wokholo uhlukanise unyaka.
“Ayingiphethe neze kahle ukuthi akukho ngisho ingoma eyodwa yokholo. Kulo nyaka bengithe nginikeza abafowethu ithuba lokugadla ngoba angikhiphanga. Ingiphatha kabuhlungu ngoba umculo wokholo ungeminye wemiculo ebalulekile futhi sizibona singamelelekile. Angiphathekile kahle impela. Kahle hle le Top 20 ayiphelele. Egameni lomculo wokholo siyakhala, abake basitshele ukuthi kuvotwe kanjani? Siyathemba basazothi kuyavotwa futhi ukuze ibe khona ingoma yowokholo,” kusho u-Andile.
Ingwazi yomculo wokholo uSipho “Big Fish” Makhabane ithe kuyinkinga ukuthi isiteshi sizikhethele sona izingoma ezizovotelwa ngoba yisona futhi esizinqumelayo ukuthi siyayidlala yini emoyeni noma cha.
“Bekuzozwakala ukuba abantu okuyibona abakhiphe izingoma okumele zingene ekuhlukaniseni unyaka. Uma kuyibona kuyinkinga, kufana nokuthi unondweba aphinde akhahlele ibhola. Kufana nokubamba inyosi uyifake esandleni sakho bese uyangibuza ukuthi ifile noma iyaphila uvale isandla. Kumele ngiqagele ukuthi iyaphila noma cha. Uma ngithi ifile wena uyayidedela kodwa uma ngithi ayifile uyayipitshiza. Yonke le nto isesandleni sakho,” kusho uMakhabane.
Uthe bekungaba kuhle ukuthi zonke izinhlobo zomculo zingene kodwa yisiteshi esizikhethelayo. Ngokwakhe, uthe bekumele kusetshenziswe uhlelo lwakudala ngoba abalaleli yibo abakwazi ukuzikhethela izingoma abazithandayo.
Related Topics: