UZandie Khumalo akakuthandi ukuba wuvanzi kwezokungcebeleka

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI uZandie Khumalo uzokhipha i-EP entsha ethi Ebantwini ngoLwesihlanu

Image: Sithunyelwe

UMCULI uZandie Khumalo uthe kungamane kuthuleke du ngaye uma abantu bengezwa ngomculo wakhe kuphela ngoba akakuthandi ukuba wuvanzi.

UZandie, ongudadewabo kaKelly Khumalo, ukusho lokho njengoba sekuphele unyaka agcina ukukhipha umculo. Wagcina ngomucu othi Messiah ngo-Okthoba, nyakenye.

“Abalandeli bami bangiqonda kangcono. Umculo wami awuphuphi futhi angiyona inhlobo yeciko elidinga ukukhipha njalo ngoba umculo wami uhlala isikhathi eside. Ngingumculi futhi uma ungezwa lutho kumi ngomculo, kungcono ungezwa lutho nhlobo. Angiyona le nhlobo yeciko ewusaziwayo eyehla yenyuka emicimbini yezicukuthwane kokhaphethi ababomvu ngoba ngifuna ukuba sematheni ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uZandie.

Ukhuluma kanjena nje, ngoLwesihlanu ukhipha i-EP entsha ethi Ebantwini enezingoma eziyisithupha.

Lo mculi odabuka eNquthu ubelokhu ekhipha izingoma ezihamba ngazodwa njengoba wagcina ngo-2021, ukukhipha i-EP eyayisihloko sithi Zenala.

Uthe kuyona ukhombise ukukhula kwazise akagcinanga ngokucula kuphela kodwa uphinde wabamba isandla ekuyiphrojuseni.

“I-Ebantwini iwubufakazi benkululeko enginayo ngokobuciko nokungafuni ukuvalelwa enhlotsheni eyodwa yomculo. Kule EP ngihlanganisa i-Afro soul, umculo wokholo nezingoma zomdanso,” kusho uZandie.

Uthe usebenze nomdlali wesigingci, uKenton Lee, oke wabamba iqhaza ezingomeni zikaLira, Mafikizolo nabanye.

Uthe abanye ngo-Eman S noDJ Butter weqembu iWoodblock DJs edume ngeSkuta Baba.