UKelly Khumalo uzifanisa nozelwe kabusha

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI we-Afro Pop uKelly Khumalo, ukhiphe i-albhamu yakhe kai-11 esihloko sithi Rebirth

Image: SITHUNYELWE

NGEMUVA kweminyaka engu-20 nama-albhamu angu-11, umculi we-Afro Pop uKelly Khumalo, uthi usefike esigabeni sokuzalwa kabusha endimeni yomculo asekumemezele ngomsebenzi wakhe omusha osihloko sithi Rebirth.

UKelly, ngesikhathi exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngoLwesihlanu, uthe lo msebenzi ufana nomnyango wokungena empilweni entsha lapho umculo engasawenzeli ukujabulisa umuntu kodwa yena engajabulile ngaphakathi. Kule albhamu weneka impilo yomhlaba omusha asephila kuwo wezikamoya, ephuma empilweni abekuyo phambilini. .

Elandisa kabanzi ngalokho, uthe lesi sigaba akusona manje siqhuba akubona kuyinhloso kaNkulunkulu ngaye yokuthi aphilise abantu ngomculo, aqhakambise futhi akhombise ukujabulela ubizo lokwelapha umoya nomphefumulo wabantu ngokucula.

"Lo msebenzi uyindlela engiqhakambisa nengiveza ngayo uhlobo lomuntu engiyilona manje, njengoba sengimandla kakhulu kwezikamoya futhi sengiwumuntu okholelwa kakhulu nje ezintweni zesiNtu, ngibe futhi ngibeka eqhulwini nobumqoka bukaNkulunkulu empilweni yomuntu. Yingakho nesihloko sayo sithi Rebirth, ukuzama ukuchaza nokucacisa ukuthi ngizelwe kabusha nokuthi impilo yami isishintshe kanjani," usho kanje.

Uthe ukwenze ngamabomu futhi ukuthi angasebenzi nenqwaba yabantu kulo msebenzi, njengoba epike uMondli Ngcobo, okunguye futhi obambe iqhaza ekudidiyeleni i-albhamu ebambisene noDavid Mutanda wase-DRC.

"Okunye futhi engikwenze ngamabomu wukuthi ibe nezingoma eziwu-9 kuphela, okuwumfanekiso wokukhulelwa nokuzalwa komuntu. Bengigwema ukuthi ngikhiphe inqwaba yomculo ozophelela emoyeni, engikholwa wukuthi into emqoka wukudedela umculo ozolaleleka futhi uthandeke ebantwini, hhayi ukujaha ukufuqa abalandeli ngezingoma eziningi ezingezukubathinta ndawo," kuqhuba uKelly.

Udalule nokuthi uzokwethula le albhamu ngokusemthethweni emcimbini ozoba se-Hard Rock Cafe, eSandton, eGoli ngoNovemba 29. Ngale kwalokho, uthembise ukuqhubeka akhiphe omunye umculo omningi ngonyaka ozayo, neminye imicimbi ezoba ngonyaka ozayo yokuthi aqhubeke ajabulele isigaba seminyaka ewu-20 asefike kusona ngomculo wakhe.

Ngaphambi kwe-Rebirth; u-Kelly unama albhamu awu-10 athi Siyajabula yango-2007, Simply yango-2008, The Past The Present, The Future yango-2012, Back To My Roots yango-2014, My Truth yango-2016, Unleashed yango-2018, The Voice of Africa yango-2020, From A God To A King yango-2023 nethi Itshitshi azibula ngayo ngo-2005.