Uhlanganise izinhlanga okaBlack Coffee ozosiza abampofu

Fanelesibonge Bengu|Published

UBlack Coffee edlala emcimbini i-Africa Is Not A Jungle eBotanic Gardens, eThekwini, ngoMgqibelo

Image: Instagram

ADAYISE aphela amathikithi omcimbi wobumnandi obuseThekwini ngoMgqibelo, i-Africa Is Not A Jungle, ingxenye yentengo yawo ezonikelelwa inhlangano kaDJ Black Coffee esiza abahlwempu.

Le ndumezulu, eyaqalwa wuBlack Coffee, ibiseBotanic Gardens lapho abantu abebephume khona ngobuningi babo.

Okuqaphelekile wukuthi ubuxube zonke izinhlanga zidansa ngokuzwana.

Emini ekhasini lomcimbi kukhishwe isimemezelo sokuthi amathikithi asedayiswe aphela. Isolezwe lithole ukuthi abelinganiselwa ku-4 000 esewonke enentengo ehlukene njengoba bekukhona awesigaba sokuqala athengwa ubuthaphuthaphu kukhona nawezicukuthwane ama-VIP nama-VVIP.

Intengo ibifika ku-R100 000 lapho obuthola khona amathikithi amaVVIP angu-12, imali yokuthenga iziphuzo engu-R84 000, indawo yokuhlala obona kahle isiteji kuyo, uweta ogade itafula nonogada.

Abahleli bekhonsathi bamemezela ukuthi u-R20 wethikithi ngalinye uzonikelelwa iBlack Coffee Foundation esiza abampofu.

UBabalwa M uyena yedwa umculi obekwi-Africa Is Not A Jungle njengoba bekudlala oDJ

Image: Instagram

Ixhasa ngemifundaze, amaphasela okudla, izihlalo ezihamba ngamasondo nokunye.

Umcimbi uqale ngo-12 emini uDJ wokugcina ezodlala ezoqeda ngo-10 ebusuku kwazise imithetho kaMasipala weTheku ayikuvumeli ukuthi imicimbi idonse kuze kuse.

Abebenandisa kubalwa kubo uTirhani, Major League DJs, Stanky, Babalwa M, Asvnte, 2wo Bunnies, Ciza, Black Coffee, Oscar Mbo noDlala Thukzin.

Isikhathi besibanjiwe bengena ngobekumenyezelwe ukuthi bazodlala ngaso.

UBlack Coffee ungene kwachwaza inkundla edlala nezingoma abantu abebezicula njengeGo Around kaBongi Dube.

I-Africa Is Not A Jungle izodlulela eMelrose Arch, eGoli, ngoNovemba 29.

Izokwandulelwa yisidlo sasebusuku ngoNovemba 28 eDaytona, eMelrose, lapho kulindeleke ukuthi kunikelwe khona.