UMCULI kamaskandi iNdoni inandisa kwiGcwalisa Spring Picnic, eHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SIBONELO NGCOBO
“KONKE lokhu engikwenza manje ngobuciko nethalente lami ngifisa ukuthi kunikhuthaze ikakhulu nina besifazane ukuthi nizimele futhi nisebenzele ukuthi nibe nezinto zenu ukuze nigweme ukugcina niba yibhola labantu besilisa ngoba yilokho okwenza nihlukumezeke.”
Usho njalo umculi kamaskandi iNdoni, ekhuthaza abantu besifazane ngenkathi eqeda ukunandisa emcimbini wedili lomculo waminyaka yonke obuwenziwe okwesine nonyaka iGcwalisa Spring Picnic, obuseHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.
Lo mculi, ongene e-stage wahlaba ingoma kwathula umoya - waze walekelelana nezingane zakwabo nazo ezingamaciko oSaliwa noGqizile, uthe usho la mazwi ngenxa yezinto ezimbi azibona zehlela abantu besifazane emphakathini ngenxa yokuncika kwabesilisa.
UDJ Tira enza adume ngazo kwiGcwalisa Spring Picnic, eHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SIBONELO NGCOBO
“Isikhathi esiphila kusona manje senza ukuthi abantu besifazane bangahlonipheki ngenxa yokuthi njalo uma senza izinto ezinhle, kuba sengathi kunesandla somuntu wesilisa esisize ukuthi kufezeke lokho, okwenza ukuthi singahlonipheki futhi sihlukumezeke kalula.
UMCULI wama-piano uKamo Mphela eshaya adume ngazo kwiGcwalisa Spring Picnic ebiseHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SIBONELO NGCOBO
“Yingakho mina ngiphonsa inselelo yokuthi nabanye abeza emva kwami bafunde ukuzimela nokubekezela njengami, njengoba nami ngifike kanzima lana engikhona manje ngoba kuke kwaba yisikhathi eside ngizama ukuphumelela ngomculo kepha kungenzeki. Bekunzima nokumaketha umculo wami ebantwini kodwa kwangisiza ukuphokophela njengoba manje sengikulesi sigaba engikusona sokukwazi ukuzichumisa ngobuciko,” kusho iNdoni.
ISILOMO somculi kamaskandi uMayoghurt enandisa kwiGcwalisa Spring Picnic, ebiseHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SIBONELO NGCOBO
Abantu bebephume ngobuningi babo ukuzothamela umcimbi futhi iningi labo layihlonipha indikimba yawo yokuthi kuswenke ngezimpahla ezimhlophe, kubalwa nengxenye yamaciko emikhakha ehlukene anandise kuwona.
UMCULI kamaskandi uGandaganda eyibhikla kwiGcwalisa Spring Picnic eHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SIMANGALISO NTSHANGASE
Njengoba bekulindelekile, amaciko adumile nathandwayo okubalwa kuwona uDJ Tira, Kamo Mphela, Dumi Mkokstad, ama-Q Twins, Naledi Aphiwe, Eemoh noVusi Nova benze abadume ngakho beqhulula izingoma ezahlukene abaziwa ngazo emculweni wabo.
ABANTU bebephume ngobuningi babo kanjena kwiGcwalisa Spring Picnic ebiseHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SIBONELO NGCOBO
Kanjalo nabakamaskandi bebengazibekile phansi, kuyilowo nalowo engena bese eshaya adume ngakho okubalwa kubona uMahostela wengoma ethi Ngikheth’ Utshwala, Gatsheni, Mayoghurt, Njoko, Menzi, Imithente, Izingane Zoma noMafikizolo ohlanyise abantu ngale ngoma asematheni ngayo ethi Uyoncengwa Unyoko.
Uhlelo lomcimbi beluphethwe woMC Msakazi Ongadumile, Somizi Mhlongo, umsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe; nabasakazi boKhozi FM uMafresh, Bingelela Mpanza, Mdonso, Vusizwe Langa, Zimdollar noTshathugodo.
INTANDOKAZI yomculi kamaskandi uKhuzani Indlamlenze Mpungose enandisa kwiGcwalisa Spring Picnic, ebiseHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku
Image: SIBONELO NGCOBO
Omunye wabahleli nabasunguli balo mcimbi uKhuzani Indlamlenze Mpungose, naye ufike kwezwakala engena e-stage waqhulula amanoni ehlukene aziwa ngawo, wase futhi esebenzisa lona leli thuba ukukhombisa abalandeli bakhe izindondo ezimbili ahlabane ngazo emncintiswaneni wezobuciko obuse-USA ngeledlule.
UKhuzani uthe: “Ngiyabonga kakhulu ukuthi lo mcimbi ube yimpumelelo kangaka, futhi ngiyazibongela kubona bonke ababambe iqhaza kuwona ikakhulu ngoba ngiyazi ukuthi kukhona nabanye abebezitshela ukuthi ngeke usaba khona, kanti bashaye phansi ngoba uzobuya ngonyaka ozayo futhi uyohlale ukhona kube phakade.”
INTANDOKAZI yomculi kamaskandi uKhuzani Indlamlenze Mpungose enandisa kwiGcwalisa Spring Picnic, ebiseHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku
Image: SIBONELO NGCOBO
Okunye futhi okuqaphelekile wukuthi abahleli bomcimbi bawuhloniphile umyalelo woMasipala weTheku wokuthi imicimbi yasebusuku iphele ngo-12 ebusuku, njengoba kwenzekile ngenkathi kusongwa umcimbi ngomculi wowokholo uJumbo, nokho okube buhlungu ebantwini ababethamele umcimbi kuphoqa ukuthi adede e-stage engakaqedi.