UMAWHOO noMthandeni SK abacula ingoma ethi Gucci
Image: Mthokozisi Mkhwane
ABAHLELI bamaSouth African Music Awards (Sama) baqede ukuqagela ngemiklomelo yanonyaka bememezela usuku lomcimbi, indlela entsha ozokwenziwa ngayo nabaqokwe eminxeni ebingakakhishwa.
AmaSama enganyelwe yiRecording Industry of South Africa (RiSA) kuzoba kungaka-31 nonyaka, azoba ngoDisemba 14, eGallagher Estate, eMidrand, ngendlela ehlukile.
Kuleli sonto, isikhulu seRiSA, uNhlanhla Sibisi, sitshele Isolezwe ukuthi ngeke benze umcimbi omkhulu ngenxa yokuntula imali futhi bazokwenza ngendlela eyehlukile.
Umcimbi wanonyaka uzohlanganisa omncane wabukhoma nobuchwepheshe besimanje.
“Lolu shintsho luqinisekisa ukuthi uvuleleka kwabaningi futhi uba wumgubho ohambisana nabantu bamanje ube ugcina izinga nomoya wokuhlonipha abenza kahle emculweni,” kusho u-Unati Gwija okhulumela amaSama.
Uthe bahlose ukuthi umcimbi wanonyaka uvumele abalandeli baseNingizimu Afrika nangaphandle babe yingxenye yawo ngokusebenzisa izinkundla ezahlukene zokuxhumana, wathi ukujaja, ukucwaningwa kwamabhuku neminxa kuzoqhubeka ngaphansi kweso elibukhali ukuqinisekisa ukuthi ukunqoba kusho lukhulu.
AmaSama axhaswe yiMotsepe Foundation, uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko, amaSiko nezokuNgcebeleka eGauteng, uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, South African Music Performance Rights Association, Southern African Music Rights Organisation, Composers, Authors and Publishers Association, YouTube neSABC.
Iminxa abayimemezekile ebisele ngoweMusic Video of the Year noweRecord of the Year. Phakathi kwabaqokwe koweMusic Video kubalwa kubo uMthandeni SK ngeGucci apike kuyo uMawhoo, Naledi Aphiwe ngengoma ethi Ngiyabonga, Mjolisi ngeMy Dululu apike kuyo uMnqobi Yazo nabanye.
Uhla lwabaqokwe kwiRecord of the Year lumi kanje.
Record of the Year
1. Bassie x M-Touch x Ranger x Amaza feat. Tman Xpress & LeeMcKrazy - Kwelanga 2.0
2. Blaq Major feat. Bless The Gentleman & Dj Kap - Sdakiwe Sbali
3. TitoM & Yuppe feat. S.N.E & EeQue - Tshwala Bam
4. Dlala Thukzin, Funky Qla & Zee Nxumalo feat. MK ProducƟons - Ama Gear
5. Felo Le Tee x ScoƩs Maphuma x Thabza Tee feat. DJ Maphorisa & DJY Biza - Yebo Lapho
6. Mr Pilato x Ego Slimflow x Tebogo G Mashego feat. Sje Konka x FocalisƟc x Dj Maphorisa x ScoƩs Map - Biri Marung
7. Caiiro feat. Ami Faku Ndisize
8. Kabza De Small, Mthunzi feat. MaWhoo Amazwe
9. Dlala Thukzin feat. Zeh McGeba, & MK ProducƟons - Sohlala Sisonke
10. Sam Deep X Azana - BoGogo
11. Tyler ICU, LeeMcKrazy feat. Tman Xpress, Visca, Ceeka RSA, Sjavasdadeejayj & Al Xapo - Ebasini
12. Shakes & Les, Leemckrazy - Funk 99
13. Tyler ICU x DJ Maphorisa + Masterpiece YVK, Ceeka RSA, M.J, Silas Africa & Alxapo - Manzi Nte
14. Kelvin Momo, Babalwa M feat. SƟxx, Nia Pearl - Amalobolo
15. Kabza De Small ,Vigro Deep & DJ Maphorisa feat. ScoƩs Maphuma & Young Stunna - Wishi Wishi
16. Khathapillar X Sol Phenduka X Smash SA feat. Kamoh Xaba - Diqabang
17. Kharishma feat. Ba Bethe Gashoazen - Chokeslem
18. 2point1 feat. Bello M, Epic DJ, Seneath & X- Morizo - Sthandwa Sam
19. Mthandeni SK feat. MaWhoo - Gucci
20. Kelvin Momo, Babalwa M feat. SƟxx & Baby S.O.N - Pholisa
Related Topics: