Uzigodlile ezeBig NUZ uDanger okhipha yedwa

Fanelesibonge Bengu|Published

U-DANGER weqembu iBig NUZ ukhipha i-albhamu yakhe ngoNovemba 14

Image: Instagram

UMCULI we-kwaito osesele yedwa eqenjini iBig NUZ, uDanger, uthi uhlela ukukhipha izingoma zeqembu ngenhloso yokuthi kuhlomule imindeni yamalungu asedlulile kodwa okwamanje usadedela yedwa.

UDanger uzokhipha i-albhamu enezingoma ezingu-11 ethi If Not Why Not ngoNovemba 14. Kuyona uzibiza ngoDanger weBig NUZ.

Uzobe engaqali ukukhipha ngaphandle kweqembu njengoba phambilini wake wenza i-albhamu ngokubambisana noL'vovo.

"Ngizibiza ngoDanger weBig NUZ ngoba inhloso yami angifuni ukuthi igama leqembu lishabalale. Empeleni ukhona umsebenzi omningi esawenza sinamajita kodwa sizowukhipha ngokuhamba kwesikhathi ngoba sifuna nemindeni yabo ihlomule ngemali etholakala ngokudlalwa komculo," kusho uDanger.

Lo mculi usale yedwa kwiBig NUZ emuva kokushona kozakwabo uR Mashesha noMampintsha abathathwa wukugula, uthe kwi-albhamu yakhe upike abaculi abaningi abahlukene. Phakathi kwabo kukhona uMawhoo, Njabulo Langa, Quality, DJ Bongz, Sizwe Mdllose Joocy, Mondli Mgcobo, Campmasters, Shayo nabanye.

"Ngifake nabadidiyeli abasha njengeWe Dem Boyz ngoba ngifuna nesigqi esisha engisihlanganisa nesakudala. Ngenze kabusha nengoma kaJabu Khanyile iSponky Sponky," kuchaza uDanger.

Uthe ukushiyele ebantwini ukuthi iyiphi ingoma abafuna agxile kuyo ekuyiphusheni ngoba uzozikhipha zonke kanye kanye, waveza nokuthi usebenzisa nezindlela ezahlukene ukuphusha njengokuvela emdlalweni wethelevishini Uzalo.

"Njengomuntu osebenza ngokujabulisa abantu amathuba anjengalawa angiwayeki. Bengivele ngesonto eledlule njenge-blesser. Nakwi-Ehostela ngake ngavela ngoba kumele sibambe konke."