Injabulo kuhlonishwa izinkakha zakuleli

Fanelesibonge Bengu|Published

UTHULI Madonsela noGcina Mhlophe bemi no-Arthur Mafokate obehlele umcimbi wokubahlopha eGoli, ngoMgqibelo ebusuku

Image: Instagram

UMAKADEBONA weciko lezinganekwane, izinkondlo nezincwadi, uGcina Mhlophe, uthi kumjabulisile ukubongwa besaphila nezinye izinkakha emcimbini i-A Night With Legends obuseVodacom World, eMidrand, ngoMgqibelo ebusuku.

UGcina uthe uyajabula futhi uyathobeka ngokuhlonishwa kulo mcimbi osungulwe yinkakha ye-kwaito u-Arthur Mafokate.

“Nabeza ngemuva bazothola ukukhanya ezindaweni esihamba kuzo babone ukuthi esibukela kubo besaphila futhi basasebenza. NgeSonto eledlule, bengigubha iminyaka engu-67 ngazalwa ngokuqhubeka nomsebenzi wokunakekela nokwakha isizwe. Anginayo le nto yokuthi ngiwusaziwayo kodwa nginendaba nentsha yezwe,” kusho uGcina.

UMCULI ophinde abe wumlingisi, uThembi Seete, ohlonishwe emcimbini i-A night with Legends

Image: Instagram

Uqhube wathi emasontweni amabili edlule, ukhiphe incwadi entsha iThokozani the Eland emphoqe ukuthi aye eDrakensberg eyocwaninga ngayo.

“Abaningi ngisho nothisha esikoleni abazi ukuthi sinempophoma enkulu kunazo zonke emhlabeni eDrakensberg.”

Abanye abahlonishwe kulo mcimbi ngowayenguMvikeli woMphakathi, u-Advocate Thuli Madonsela, umculi ongumlingisi uThembi Seete, owayengumdlali weBafana Bafana uDoctor Khumalo, usomabhizinisi uJohanna Makgalemele, umculi uYvonne Chaka Chaka, yiciko uPitika Ntuli, umsiki wengqephu uDavid Tlale nomlingisi uLeleti Khumalo.

Ngesonto eledlule, u-Arthur utshele leli phephandaba ukuthi lezi zingwazi bazikhethe ngemuva kohlelo olunzulu obeluholwa ngamathimba abo.

"Abheke umthelela ezweni nesandla asifake kwezobuciko, amasiko, ezemidlalo, amabhizinisi nokuthuthukisa umphakathi emuva kwesicelo sokuthi kuthunyelwe iziphakamiso. Besifuna ukuhlonipha abantu amagalelo abo asaqhubeka nokugqugquzela izizukuwane, abantu abakhe iNingizimu Afrika ekhaya nangaphandle," kusho u-Arthur.