UProfessor ubona bezomlandela ngesitayela sakhe esisha

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI we-kwaito uProfessor ukhiphe ingoma entsha ethi Order ayenze noLarny

Image: Sithunyelwe

UMCULI we-kwaito oneminyaka eyibambile, uProfessor, uthi uma engasebenzanga namuntu engomeni akukhona ukuthi usuke engafuni kodwa kusuke kuyimpakamo yafuna ukubambisana naye noma inkampani yakhe.

UProfessor, ozakhele udumo eqenjini iT'zozo n Professor, uthe ukholelwa kakhulu ekusebenzeni nabanye.

"Uma ngigcine ngisebenze ngedwa ngisuke ngingathandi kodwa kusuke kuyimpakamo emacikweni noma ezinkampanini zawo," kusho uProfessor.

Ukusho lokhu echaza ngengoma yakhe entsha i-Order ayenze ngokuhlanganyela nophrojusa uLarny.

Uthe uLarny ngumdidiyeli osemncane waseThekwini asemthathe wahlala naye eGoli.

Uthe ngomusa kaNkulunkulu uyakwazi ukusebenza nabasebasha njengoba enza noHeavy K, bese beyavelela.

"Ingoma iyimi njengomuntu ohlale eqhamuka nento entsha. Ngenza kwiWoz'eDurban neJezebel. Ngiwumuntu onjalo baningi asebezolandela bethi benza lokhu okuwukuhlanganisa i-gqom, three step ne-kwaito. Kungimangazile ukuthi ngikwazile ukugibela phezu kwalesi sigqi ngoba ezinye izinhlobo ziyacindezela ungakwazi ukukhipha ikhono. Uzobona abaningi engibahloniphayo nabancane sebelandela. Kuza abanegama e-studio bezosebenza naye (uLarny) kusazomangala iNingizimu Afrika yonke,'' kuchaza uProfessor.

Uthe uLarny uke waba senkampanini yakhe iProper Files ezobasiza njengoba esesebenza neGallo Records. Phambilini ubesebenza ne-Universal Music.

Uthe uqome iGallo ngoba efuna ukushintsha umoya.

"Kufana nasebholeni. Kuyenzeka kube uwena njengomdlali ongeneme noma iqembu bese uya kwelinye kufike kube nesasasa. Nalapha ingoma yami yenza kahle kakhulu abantu bayayithokozela. Vele mina ngikhipha into engisuke ngazi ukuthi izoyithola indawo ezinhliziyweni zabantu uma ike yafika ezindlebeni zabo," kuchaza yena.

Lo mculi okhiphe i-albhamu ayiqambe ngaye iMkhonzeni ekuqaleni konyaka, uthe uhlela ukuyilamanisa ngentsha ngo-2026.

"Uma ungibona ngithule kusuke kungekona ukuthi ngiphelelwe yimibono kodwa umoya usuke ungavumi. Ngisebenza ngomoya angikwazi ukuphoqa izinto ngizwa ukuthi umoya wami awuvumi."