AbasoThukela ethubeni lamaGrammy

Fanelesibonge Bengu|Published

USJAVA ufake umculo ukuba ube sethubeni lokuqokwa kumaGrammy Awards

Image: X

ISIFUNDA uThukela singase sandise isibalo sabaculi baso abanezindondo zamaGrammy uma kubahambela kahle uSjava noCici abadabuka khona.

Laba baculi, abadabuka eBergville naseMnambithi ngokwahlukana, bafuna ukulandela ezinyathelweni zeLadysmith Black Mambazo, eshaya ngezindondo ezinhlanu zale miklomelo ehlonishwa umhlaba wonke.

USjava ufake emunxeni weBest Global Music Album nge-albhamu yakhe Inkanyezi Live.

UMCULI waseMnambithi, uCici

Image: Sigciniwe

Inkampani yalo mculi i-1020 Cartel - ezinyangeni ezedlule imemezele ukuthi usezoba nezwi ngabaqokwa kumaGrammy.

USjava uthe wenza umculo osuka enhliziyweni awenzela abantu kanjalo nosiko.

“Njengelungu lamaGrammy elivotayo, ngizizwa ngihloniphekile ngokuba ngabanye babantu abaxoxa izindaba ezigqugquzelayo,” kusho uSjava.

UCici yena ngakolunye uhlangothi, ufakwe eminxeni emithathu nge-albhamu iBusisiwe 2.0.

Usemunxeni weBest R&B Album, Best Gospel Performanec/Song ngengoma ethi Ameni kanjalo nakwi-Album of the Year.

Ubonge bonke abantu abazinike isikhathi ngomsebenzi wakhe.

Ukungenela kuyo yonke iminxa kuvulwe ngoJulayi 16 kwaze kwaba wu-Agasti 29. Bekuvumele ukuthunyelwa kwemisebenzi ephume phakathi kuka-Agasti 31, 2024 no-Agasti 22, 2025. 

Kusuka ngo-Okthoba 3 kuze kube wuLwesithathu, wumzuliswano wokuqala wokuhlunga.

Kuzothi ngoNoemba 7, kukhishiwe uhla lwabaqokiwe.

NgoDisemba 12 kuya kuJanuwari 5, amajaji azobe evota okokugcina.

AmaGrammy okuzoba ngaka-68 ekhona, azosingathwa eLos Angeles, ngoFebhuwari 1.