Umrepha uzoneka ubunjalo bempilo yakhe kwi-albhamu

Simangaliso Ntshangase|Published

UMREPHA uStilo Magolide useqede konke nge-albhamu yakhe esihloko sithi StiloWay, ezophuma kule nyanga

Image: SITHUNYELWE

UMREPHA, uStilo Magolide, usethembise ukusebenzisa ubuciko ukuveza ubunjalo bempilo yakhe kubalwa nazo zonke izimo, izinselo zokuhle nokubi abhekane nakho empilweni yakhe kwi-albhamu yakhe yesithupha aseqede konke ngamalungiselelo okuthi itholakale.

UStilo Magolide (35) usho njalo engxoxweni ekhethekile neSolezwe, lapho edalule khona le albhamu enezingoma eziwu-18 esihloko sithi StiloWay, ezoqala ukutholakala ezitolo zomculo ngo-Okthoba 22, asekubheke ngabomvu ukuthi iziwe ngabalandeli bomculo wakhe.

"Lona wumsebenzi okuthi uma uwulalele uzwe ukuthi sengikhule kangakanani ngomculo wami, njengoba kulokhu ngingagxilanga kakhulu ekutheni ngigxumise abantu kuphela nje njengenjwayelo kepha ngiqikelele ukuthi ngikuveza kunjengoba kunjalo ukuthi ngikhule kanjani nokuthi izimo nezinselelo engibhekene nazo empilweni zibe namthelela muni ohlotsheni lomuntu engiyilona manje, nendlela engenza izinto ngayo," kulanda yena.

UMREPHA, uStilo Magolide, useqede konke nge-albhamu yakhe esihloko sithi StiloWay, ezophuma kule nyanga

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe okwenze wayiqamba ngokuthi StiloWay wukuthi kulokhu uqoke ukwenza yonke into ngendlela yakhe, wangakhathazeka kakhulu ngokuthi abantu bazocabanga noma bathini ngobuciko bakhe ukusiza ukuthi athulule kahle konke okusenhlizwei yakhe.

"Yi-albhamu ezofana neBhayibheli elixoxa konke ngempilo yami nokuthi ngikhule kanjani, yingakho kunengoma ethi Abazali engiyishaya noVusi Nova, engixoxa ngayo ngabazali bami abasheshe bangishiya emhlabeni futhi ngiveze nokuthi lokho okuncane abangishiya bengenzele khona kungisize kangakanani. Ikhona futhi ethi Bade, yona exoxa indaba yabantu engikhule ngizwana nabo empilweni yami, nokuthi ukuzwana nabo kube namthelela muni kuhlobo lomuntu engiyilona manje. Zikhona nezinye ezimnandi nengithemba ukuthi abantu bazozithanda okubalwa kuzona iPanda, i-Available nethi Kenny G - engindlalele ngayo lo msebenzi," kusho uStilo Magolide.

Amanye amaciko asebenze nawo kwiStiloWay wo-Mo-T wodumo lakwi-Mi Casa, uYoung Tuno, uTruezy, uSastii no-Ekoww Saxx.

UStilo Magolide uzinze eGoli. Igama lakhe lokuzalwa wuMichael Chirwa. Amanye ama-albhamu akhe aphume eminyakeni edlule ngathi Tropicana Jiiig yango-2017, i-Seven yango-2019, iMbuzi Level ephume ngo-2020, i-Infinite Melanin ephume ngo-2021 nazibule ngayo ngo-2015 esihloko sithi Camron Diaz.