Kugqame ukuhleleka kohlelo abesifazane bejabulisa izethameli ngobuciko

Simangaliso Ntshangase|Published

IQEMBU lomculo weqqom, iSunOrnza, lijabulisa abantu emcimbini i-Sisters With Soul Picinic obuseMunies Hockey Club, eThekwini, ngoMgqibelo

Image: FACEBOOK/DURBAN TOURISM

IMICIMBI eminingi yobumnandi ivame ukubambezeleka ukuthi iqale ngesikhathi ngenxa yezihibe ezehlukene ezivame ukuba khona neziyaye zithiye indlela okusuke kufanele ukuthi izinto zenzeke ngayo ukuze konke kuhambe ngokohlelo lwayo kodwa ngempelasonto kwenzeke okuhlukile.

Konke kuhambe ngobunono bekati kwi-Sisters With Soul Picnic, okuwumcimbi wokuqhakambisa amaciko esifazane obuseMunies Hockey Club, eThekwini, ngoMgqibelo. Kugqame khona ukuhleleka kwezinto nokuzibophezela cishe kwawo wonke amaciko esifazane wodwa abenandisa kulo mcimbi owaqala ngo-2018, nobuwenziwe ihlandla lesine nonyaka.

Isolezwe litheleke kuwona inkundla isivele ishisa bhe emva kokuphuma e-stage komculi we-Afro pop osemncane, uNaledi Aphiwe, okuthe emva kwakhe kwangena uSphe Music - naye wenza aziwa ngakho, elahlela izingoma ezahlukene aziwa nadume ngazo.

UMCULI we-house, uSkye Wanda, enandisa emcimbi i-Sisters With Soul Picnic, obuseMunies Hockey Club, eThekwini, ngoMgqibelo

Image: INSTAGRAM/SKYEWANDAFUL

Kushukume inkundla futhi kwamanzi phansi e-stage nakwizethameli ngenkathi sekungena iqembu legqom iSunOrnza, lashaya elidume ngakho - lijuxuzisa abantu ngezingoma zalo zomdanso. 

Konke lokhu bekwenzeka ngesikhathi esifanele nesibekiwe, kuyilelo nalelo ciko elibizwa e-stage lingena ngesikhathi noma ngaphambi kwesikhathi elihlelelwe sona, okwenze ukuthi uhlelo lomcimbi lwahamba kahle nangendlela ehlelekile.

UMSAKAZI weGagasi FM, uLusanda Mnqayi, ephethe uhlelo emcimbini iSisters With Soul Picnic, obuseMunies Hockey Club, eThekwini, ngoMgqibelo

Image: FACEBOOK/SISTERS WITH SOUL SA

Kuhlanye izethameli sekungena umsakazi weGagasi FM, uDJ Happygal, oqale i-set yakhe ngamanoni omaskandi athandwayo kulezi zinsuku, kubalwa ingoma kaNhlos Khwela ethi Nikhodima, ekaMenzi ethi Wayengenalutho nekaMafikizolo ethi Uyoncengwa Unyoko.

Kube mnandi futhi sekungena umculi we-house uSkye Wanda, kwase kushuba kakhulu ngenkathi sekungena intandokazi yomculi we-Afro pop, uLwah Ndlunkulu. I-First Lady of Inkabi Records iqhulule amanoni ehlukene eyaziwa ngawo, kubalwa nezingoma zayo ezikwi-albhamu yayo entsha ezithi Nembeza nethi Ngiphelele.

UMSAKAZI weGagasi FM, uDJ Happygal, ngelinye lamaciko anandise emcimbini iSisters With Soul Picnic obuseMunies Hockey Club, eThekwini, ngoMgqibelo

Image: FACEBOOK/SISTERS WITH SOUL SA

Umhleli walo mcimbi, uThobani Mngadi, uthe kubajabulise kakhulu ukubona wonke amaciko abebewaqashile ehlonipha umcimbi ngale ndlela, wase eqinisekisa nokuthi kuningi abakufundile kulo nyaka nabahlela ukukwenza kangcono ngonyaka ozayo. 

Uthe lo mcimbi usize ukwakha amathuba omsebenzi alinganiselwa ku-70 futhi wanikeza osomabhizinisi besifazane abawu-10 ithuba lokuthi bakhangise ngemikhiqizo yabo kuwona.

Uhlelo lomcimbi beluphethwe woZamambo Mkhize, umsakazi weGagasi FM, uLusanda Mnqayi nomculi weqembu i-Afro soul uThandeka Zulu. Kanti Isolezwe lihambe kusamele kunandise uDJ Lesoul, iSoulSistaz, uSimmy noDJ Cndo.

BEKUYINJABULO yodwa kanjena ebantwini abebehambele umcimbi iSisters With Soul Picinic, obuseMunies Hockey Club, eThekwini, ngoMgqibelo

Image: FACEBOOK/DURBAN TOURISM