UMCULI we-Afro pop, uNomfundo Moh, ubhoboka ngokwenze kwagqoza izinhlelo ze-albhamu yakhe entsha
Image: SITHUNYELWE
INTANDOKAZI yomculi we-Afro pop, uNomfundo Moh,yodumo lwengoma ethi Phakade Lami, isidalule ukuthi ubunzima besimo ebhekane naso kwabo ngonyaka odlule ngenye yezinto ezenze ukuthi imise kancane izinhlelo ze-albhamu yayo yesine, enqume ukuthi iangabe isayikhipha kulo nyaka kuze kube wukuthi isikulungele ngokuphelele ukwenza lokho.
UNomfundo Moh usho njalo engxoxweni ekhethekile neSolezwe, njengoba kulezi zinsuku esematheni ngecwecwe lakhe elifishane phecelezi i-extended play (EP) esihloko sithi Out of The Box, eliphume ngesonto elidlule - eligabe ngezingoma eziyisithupha azibophele kulo.
"Kuningi okwenzekile kwangikhuba umoya ngonyaka odlule, ikakhulu ukudlula emhlabeni kukadadewethu ebengisondelene kakhulu naye futhi obengeseka cishe kukho konke engikwenzayo empilweni, okwenze ukuthi ngehlelwe wumgqigqo kancane nje endleleni engiqopha nengenza umculo wami ngaye ngenxa yokuthi besizwana kakhulu.
UMCULi we-afro pop uNomfundo Moh uphumela obala ngokwenze kwagqoza izinhlelo zokuphuma kwe-albhamu yakhe yesine
Image: SITHUNYELWE
"Ngenye yezinto leyo edale ukuthi ngithi ukuthula mbijana, ngisazama ukwamukela leso simo, okuthe sengibona ukuthi sengingconywana ebuhlungwini baso - ngabona kungaba kuhle ukuthi kube khona umphako omncane engiwunika abalandeli bomculo wami, bebe besalinde umsebenzi wobuciko bami ophelele nozobajabulisa," kulanda uNomfundo Moh.
Lokhu akushilo kufakazelwa yingoma ethi Valelise, ayishaya noNontokozo Mkhize kuleli cwecwe, ekhuluma ngobuhlungu bokushiywa wumuntu omthandayo nobusondelene naye.
"Nokuthi njengoba ngingesiye umuntu ojwayele ukubhoboka nokuveza izimo zokwenzeka empilweni yami yangempela, ngibona kungisizile ukuthi ngilalise umhlwenga mbijana, ngibe ngihleli nabantu engibathandayo futhi engihlobene nabo ngaze ngaba sesimeni esifanele ukujabulisa abantu ngomculo. Ngibone sekuyisikhathi esifanele sokuthi ngidedele umculo ozokhombisa abantu ukuthi sengikhule kangakanani nobuciko bami, ngiveze nokuthi ngikwazi ukungena ezingomeni ezinesigqi engingavamile ukusisebenzisa emculweni," kusho yena.
Izingoma akhuluma ngazo ngezishaya ngesigqi se-house nese-3-Step ezithi Amazwi - ayishaya noDJ Zinhle ne-MK Production, kube ngethi Ngiyakhala - ayenze noSun-EL Musician, Lee Keyz, Ndloh JNR noSimmy - neshaya ngesigqi sikamaskandi - ayenze noSminofu, Inkosi Yamagcokama noMenzi Mabizela.
Kanti abanye futhi asebenze nabo kulo msebenzi ngoNontokozo Mkhize, Blue Pappi, Makhosi, Loyiso Bala nophrojusa u-911, uNaxion Cross noGavana.
"Okunye engikubheke ngalo msebenzi wukuthi ngizwe imibono nezincomo zabantu, okuzongisiza ukuthi ngazi futhi ngibone ukuthi yikuphi okumele ngikulungise noma ngakhele phezu kwakho uma sengiqhubeka namalungiselelo e-albhamu yami yesine esengiziqalile izinhlelo zayo zokuthi iphume maphakathi nonyaka ozayo," usho kanje.
UMoh (25) igama lakhe lokuzalwa wuNomfundo Ngcobo. Udabuka eNtaphuka, eNdwedwe, KwaZulu-Natal. Unama-albhamu amathathu athi Ugcobo yango-2022, i-Twenty Four yanyakenye nazibula ngayo ngo-2021 ethi Amagama; enezingoma ezamfaka ebantwini okukhona kuzona iPhakade Lami. Soft Life, Umona, Ngamkhetha, Umthwalo neLilizela.