U-DJ Tira ohlela umcimbi iFact Durban Rocks eba ngoDisemba 31 nangoJulayi
Image: Instagram
AKUCACI ngekusasa lendumezulu yomcimbi oba seThekwini ngoDisemba 31, iFact Durban Rocks, ngenxa yezingqinamba ezahlukene.
Umcimbi, oba sePeople’s Park eMoses Mabhida Stadium, uhlelwa wuDJ Tira ngokubambisana noChad White.
Ngokwesikhangiso sawo kuthiwe owanonyaka kuzoba ngowokugcina.
“Siyathemba ukuthi nonke nizoya eThekwini emcimbini iFact Durban Rocks yokugcina ngalolu suku olwandulela unyaka omusha. Kusuka ngo-2011 sesenze amaFact Durban Rocks angu-26 ePeople’s Park, namabili abukhoma ngesikhathi somvalelandlini kwiChannel O namaFact Picnic amabili ngesikhathi nangemuva kweCovid-19,” kusho isikhangiso.
UTira utshele leli phephandaba ukuthi yize isinqumo sokuqeda umcimbi singakabi wujuqu kodwa yizinkinga ababhekene nazo ezenza kubafikele ukuwuqeda.
“Kade sisayina i-petition esizama ngayo ukuveza izinkinga esinazo futhi zikhona nezinye ezisisebenzisa kanzima umuntu aze afikelwe wumcabango wokuthi mhlawumbe kumele ayiyeke le nto. Nangu nomasipala awufuni ukwenza izinto zibe lula kithina,” kusho uTira.
Ezinye zezingqinamba wumthetho wokuthi imicimbi yobumnandi kumele iphele ngo-12 ebusuku ngezimpelasonto.
Ngesonto eledlule abahleli bemicimbi eThekwini bahlanganyele ndawonye beyobhunga ngalokhu nendlela abazokhuluma ngayo noMasipala weTheku.
NgoJulayi, iFact Durban Rocks eba ngosuku lweDurban July yavalwa entathakusa kungakasi.
UTira uthe emcimbini wanonyaka angakuqinisekisa ukuthi kuzoba khona uDJ Maphorisa, Jazzworx noThukuthela.
“Kuzoba yiFact oyaziyo sihlanganisa nesiteji segqom ngoba abantu be-gqom bayasifuna. Isiteji sezingwazi naso senza kahle. Uma konke kuhamba kahle sizoba nesiteji esikhulu, nesezingwazi. Uphiko lwezokuvakasha eThekwini lusixhasile futhi sisakhuluma neminye iminyango kahulumeni.”
Uthe amathikithi aseyatholakala eTicketpro naseSpar ngemali eqala ku-R250.
Uveze nokuthi ngo-Okthoba 24 uzokhipha i-albhamu entsha.
“Ngathi ungibona ngishisa kanje, ngiyinunu engafi kuyoze kubuye obuyayo. Kunengoma enoPcee, kukhona ingoma enoThatohatsi, kukhona ingoma enoZee Nxumalo. Uyayazi iBearings. Izinsimbi ZikaMakoya yigama le-albhamu,” kuchaza uTira.
Related Topics: