Izibalo zeSpotify zikhomba ukukhonya kwama-piano eThekwini

Simangaliso Ntshangase|Published

UPHROJUSA womculo uKabza De Small ngelinye lamaciko okulalelwa kakhulu umculo wakhe kakhulu kuSpotify

Image: SITHUNYELWE

INKAMPANI edlala umculo nge-internet iSpotify isidalule ukuthi nakuba abantu baseGoli nasePitoli bengazishaya isifuba ngokuthi umculo wama-piano waqala khona, kepha izibalo zabo ezisanda kuphuma zikhomba ukuthi lo mculo ukhonya kakhulu eThekwini.

Kulezi zibalo ezisanda kukhishwa yiSpotify, kuvele ukuthi iTheku yilona elihamba phambili ezweni, bese liba sendaweni yesithathu emhlabeni wonke ngokulalela kakhulu lolu hlobo lomculo wokujuxuza nezobumnandi.

Imenenja yophiko lwezokumaketha lweSpotify Sub-Saharan Africa uBea Theron udalule ukuthi ukulalelwa kwalo mculo kukhule ngo-114 377% emhlabeni kusukela ngo-2018 kuya ku-2024. 

“Lo mculo ulokhu uqhubeke njalo uyadlondlobala emhlabeni wonke jikelelele, kepha futhi singekuzibe ukuthi ukulalelwa kwawo kakhulu eThekwini kuneqhaza elikhulu ekutheni ukhule ngale ndlela okhula ngayo,” kusho yena,

Izingoma zama-piano eziwu-10 ezihamba phambili ezweni okwamanje yilezi:

  1. Kabza De Small - Imithandazo
  2. Tyler ICU - Mnike
  3. DJ Stokie - Awukhuzeki
  4. DJ Stokie - Masithokoze
  5. Mellow & Sleazy - Imnandi Le Nto
  6. Aymos & Bassie - Izenzo
  7. Soa Mattrix - Mina Nawe
  8. Master KG - Keneilwe
  9. K.O - SETE
  10. Kelvin Momo - Sukakude

“Kanti ukucwaninga kwethu kusivezele ukuthi abalandeli balo mculi bawulalela kakhulu ngoMgqibelo phakathi kwa-5 no-6 ntambama, kanti futh kuyasithokozisa ukuthi ama-piano asengenise kakhulu nakoLagos eNigeria, eNairobi eKenya naseLondon,” kusho uBea.