UPrince Kaybee ugonyuluke ngomthelela wokunukubezwa

Fanelesibonge Bengu|Published

UPHROJUSA womculo uPrince Kaybee

Image: Instagram

U-DJ ophinde abe wuphrojusa womculo, uPrince Kaybee, ugonyuluke esidlangalaleni ngomthelela ukunukubezwa ngokocansi esemncane okube nawo empilweni yakhe.

UPrince Kaybee uzakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo iController, Banomoya nezinye.

Uthe ucabanga ukuthi ucansi luyabheda.

"Ngingakutshela ukuthi kungenzeka ukuthi bengiya kulona ngezizathu ezingafanele njengomuntu owanukubezwa eseyingane manje osekhulile osevakashele kaningi abeluleka ngokwengqondo," kusho uPrince Kaybee.

Ubephendula obuze kwi-X ukuthi kungani abantu bengayi ocansini.

"Kuzo zonke izinkinga ebenginazo ngikhula ngibe yisigwili ngaphinde ngaduma ngase ngikwazi ukuthola ucansi kunoma ubani ebengifisa ukuluthola kuyena, lokho kwaba yisiqalo sempilo enzima. Ngihleli lapha ngibhala lokhu nginokuqonda okungcono ukuthi ngilubona lunjani ucansi. Akuyona into engiyenza kakhulu ngoba ludinga uvume okuningi ongakuthandi. Kumele ukwazi ukuya kulona nomunye umuntu ngisho kungewena oluqalile futhi lokho angikuthandi," kusho uPrince Kaybee.

Uthe akakhululeki uma kukhona umuntu omkhombisa uthando futhi uyaluchitha ngoba ukahle ngaphandle kwalo.

"Isikhathi esiningi uma abantu beya ocansini bathi benza uthando, uthando oluyinto engenza ngingakhululeki ngendlela oluchazwa ngayo ezikhathini zamanje," kuqhuba yena.

Eminyakeni emibili edlule waveza ukuthi waya ocansini okokuqala eneminyaka engu-14 nowesifazane owayemdala kakhulu kunaye. Wathi abesilisa abadala kunaye babemgqugquzela bethi kumele azikhombise ukuthi uwubani.

"Akekho noyedwa owangibuza ukuthi athini amaphuho ami wangigqugquzela ukuthi ngigxile emathalenteni ami noma isikole. Akekho," wabhala kanje.