Inkosana kaShabalala iphawula ngomcimbi wokuhlonipha uyise

Fanelesibonge Bengu|Published

UNKOSINATHI Shabalala noLebo M

Image: Sithunyelwe

INKOSANA yomsunguli weLadysmith Black Mambazo ongasekho uJoseph Shabalala, ithi ngokwazi kwayo abahleli bomcimbi wokuhlonipha uyise ozoba sePlayhouse, eThekwini, kusasa ntambama, bayilandela yonke imigidu efanele.

UNkosinathi Shabalala ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe ngomsindo okhona ngomcimbi i-Icons Tribute Concert njengoba unkosikazi kaShabalala, uThokozile Shabalala nenhlangano iDr Joseph Shabalala Foundation, bethe abaziswanga ngawo.

"Ngeke uzazi zonke izinto zomndeni kodwa kungaba ngcono ukuthi kube nesithangami sihlangane sonke ukuze sizokwazi ukuphendula sonke singakhulumi ngamunye," kusho uNkosinathi.

UMSUNGULI weLadysmith Black Mambazo, uJoseph Shabalala

Image: Sigciniwe

Uthe akathandi ukungena kakhulu enkulumeni kanina othe njengomkaShabalala akaziswanga ngomcimbi.

"Angithandi ukungena kakhulu lapho, kungcono uma ugogo ekhona eduze sizoba nobufakazi bezinto. Ngeke ngiphawule uma ekhuluma eceleni. Kuyangixaka ukuthi kungathi kwenziwa umcimbi omuhle kangaka bese kuba nezinkinga?" kusho uNkosinathi.

Le ndumezulu yomcimbi uhlelwa yingwazi uLebo M wodumo lweThe Lion King.

Uzoba sePlayhouse, lapho kuzonandisa khona uNkosinathi ozohlonipha uyise ngokucula ingoma ethi Imisebenzi, Thee Legacy, Big Zulu, Khuzani, Blaq Diamond, Sjava, Boity Thulo nabanye.

UNkk Thokozile uthe uthukile futhi waphatheka kabi ngesikhathi ezwa ngomcimbi wokuhlonipha umyeni wakhe odlule emhlabeni ngo-2020, emuva kokugula isikhathi eside.

“Ngithukile uma kuthiwa uJoseph Shabalala. Angazi ngingabeka ngithini. Mhlawumbe umthetho waseNingizimu Afrika obavumayo, abafelokazi abamelelekile. Kwalo muntu uLebo M angimazi. Angikazi ngimbone nalayi khaya ubaba esaphila noma esegula. Ingiphathise ngokhwantalala le nto,” kusho uNkk Shabalala.

Esitatimendeni izolo, uLebo M uthe uShabalala yiqhawe elisezingeni lomhlaba abazizwa benenhlanhla ngokulihlonipha ngoSuku lwamaGugu.

"Izinsika zami ezintathu ezigqugquzelwe wuJoseph Shabalala yilezi futhi kuzohlala kuyizo; ukusabalalisa injabulo ngomculo, ukusabalalisa uthando ngomculo nokuhlanganisa umhlaba ngomculo," kusho uLebo M.

Abaneminyaka engaphezu kuka-18 bangena mahhala.