Uzehlisile waxolisa umlingisi osebenzise igama elicwasa abamnyama

Fanelesibonge Bengu|Published

UMLINGISi ophinde abe wumsiki wengqephu, u-Enhle Mbali Mlotshwa

Image: Instagram

UMLINGISI, u-Enhle Mbali Mlotshwa, uzehlisile waxolisa ngokusebenzisa igama elicwasa abamnyama eliqala ngo-K ngesikhathi ethulwa njengenxusa lendawo yokucwala izinwele, iCarlton Hair ngeledlule.

U-Enhle, ophinde abe wumsiki wengqephu, wasusa ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi esebenzisa igama eliqala ngoK elithathwa njengelinenzondo.

“Lalela, yiSouth Africa entsha futhi ngivumelekile ukusho lokhu. Nginezinwele zeK+$#*r futhi abantu abamnyama bazi kahle ukuthi ngiqonde ukuthini. Namakhaladi azi kahle ukuthi ngiqonde ukuthini,” kusho u-Enhle.

Enkundleni yokuxhumana i-X kukhona abazwakalise ukungenami ngenkulumo yakhe.

UNthatyy uthe i-video yakhe iyakhathaza ngoba kungani engazibiza yena nezinwele zakhe esebenzise igama eliqala ngo-K, ukwenza abantu abamhlophe behleke.

UMoonflowersunb1 uthe udinga ukukhula.

Ekhasini lakhe le-Instagram ufake i-video asephinde ayisusa.

Ibinombhalo wokuxolisa lapho ethe uxolisa kubantu bakuleli ngenkulumo enganambithiseki nobekungeyona inhloso yakhe.

“Indaba yegama eliqala ngo-K njengoba laziwa kanjalo isenzima ngenxa yomlando omkhulu wayo. Ngikhulume ngolimi esijwayele ukulisebenzisa lapho engakhulela khona,” kusho yena.

Uthe inhloso yakhe bekungeyona ukwedelela muntu ngokuveza adlule kukho. Uthe uyaxolisa kakhulu.

AbeCarlton Hair esitatimendeni baxolise kuwo wonke umuntu ophathwe kabi yile nkulumo. Bathe babuyekeza ubudlelwano babo nenxusa labo futhi bamise konke okokukhangisa okuno-Enhle.